‘Nikubonile engikwenze kwabaseGibhithe, nokuthi nginithwale kanjani ngamaphiko okhozi nganiletha kimi.
UDuteronomi 29:2 - IsiZulu 2020 UMose wababiza bonke abakwa-Israyeli, wathi kubo: “Nikubonile konke uSimakade akwenza eGibhithe nibuka, kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe, nasezweni lakhe lonke: IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wabiza bonke abakwa-Israyeli, wathi kubo: “Nibonile konke uJehova akwenzayo phambi kwamehlo enu ezweni laseGibithe kuFaro, nakuzo zonke izinceku zakhe, nakulo lonke izwe lakhe: Contemporary Zulu Bible 2024 UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kubo: “Nikubonile konke uJehova akwenzayo phambi kwamehlo enu ezweni laseGibhithe kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe nakulo lonke izwe lakhe; |
‘Nikubonile engikwenze kwabaseGibhithe, nokuthi nginithwale kanjani ngamaphiko okhozi nganiletha kimi.
UMose no-Aroni basuka kuFaro, uMose wanxusa kuSimakade mayelana namasele ayewathumelele uFaro.
Ubonile izinto eziningi, kodwa awuqaphelanga; nezindlebe zakho zivulekile, kodwa awuzwanga.”
USimakade uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyonilwela, njengoba enza kini eGibhithe nibuka.
Nanka amazwi esivumelwano uSimakade amyala ngawo uMose ukuba asenze nabantu bakwa-Israyeli kwaMowabi ngaphandle kwaleso asenza nabo eHorebhe.
izinhlupheko ezinkulu azibonayo amehlo akho, izibonakaliso nalezo zimangaliso ezinkulu.
ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu nguYena owasikhipha thina nokhokho bethu Gibhithe, endlini yobugqila, nowenza lezo zibonakaliso emehlweni ethu. Wasivikela endleleni yonke esahamba kuyo, naphakathi kwabo bonke abantu esedlula phakathi kwabo.
Yesabani uSimakade Yena yedwa, nimkhonze ngeqiniso, ngenhliziyo yenu yonke, nikhumbule izinto ezinkulu anenzele zona.