Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 1:30 - IsiZulu 2020

30 USimakade uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyonilwela, njengoba enza kini eGibhithe nibuka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke anenzela khona eGibithe emehlweni enu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

30 UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke akwenza kini phambi kwamehlo enu eGibithe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 1:30
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngamandla omuntu nje anaye, kodwa uSimakade uNkulunkulu wethu unathi ukuba asisize, alwe izimpi zethu.” Abantu bencika emazwini kaHezekiya, inkosi yakwaJuda.


Ngakubona lokho, ngaphakama, ngathi kubaholi nezikhulu nakubantu bonke: “Ningazesabi. Khumbulani iNkosi enamandla neyesabekayo, nilwele abafowenu, abantwana benu, omkenu nemizi yenu.”


Uma nizwa kuhlatshwa umkhosi ngecilongo, anobuthana ngakimi. UNkulunkulu wethu uzosilwela.”


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


USimakade wathi kuMose: “Yelulela isandla sakho ngasezulwini ukuze kube mnyama eGibhithe, ubumnyama obuphathekayo.”


USimakade uzonilwela, nina thulani du.”


Izinqola zabo zempi zabhajwa, amasondo ahamba kanzima, ngakho-ke abaseGibhithe bathi: “Masibalekeni phambi kwabakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade uyabalwela, umelene nabaseGibhithe.”


‘Nikubonile engikwenze kwabaseGibhithe, nokuthi nginithwale kanjani ngamaphiko okhozi nganiletha kimi.


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Kepha kukho konke lokho, siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.


“Ngase ngithi kini: ‘Ningabi naluvalo, ningabesabi.


izibonakaliso zakhe, nezenzo zakhe azenza phakathi kweGibhithe, kuFaro inkosi yaseGibhithe nakulo lonke izwe lakhe,


UMose wababiza bonke abakwa-Israyeli, wathi kubo: “Nikubonile konke uSimakade akwenza eGibhithe nibuka, kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe, nasezweni lakhe lonke:


Ningabesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu nguye ozakunilwela.’


Kepha uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuwela phambi kwakho, abhubhise lezi zizwe ubuka, uzidle; uJoshuwa uyowela phambi kwakho njengalokhu uSimakade eshilo.


Akekho owayengalinganiswa naye ngazo zonke izibonakaliso nezimangaliso uSimakade amthumela ukuba azenze eGibhithe, kuFaro, kuzo zonke izinceku zakhe, nasezweni lakhe lonke,


Ukhona yini unkulunkulu owake walinga ukuza azithathele isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngempi, ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uSimakade uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibhithe, nizibonela ngawenu, na?


ungazesabi, kodwa khumbula lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwenza kuFaro nakulo lonke iGibhithe:


Aluzange lube khona usuku olunjengalolo ngaphambi kwalo noma ngasemuva kwalo, lapho uSimakade alalela khona izwi lomuntu; wamlwela u-Israyeli.


UJoshuwa wawanqoba wonke lawo makhosi namazwe awo ngasikhathi sinye, ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wamlwela u-Israyeli.


futhi nikubonile konke uSimakade uNkulunkulu wenu akwenza kuzo zonke lezi zizwe ngenxa yenu, ngokuba nguSimakade uNkulunkulu wenu owanilwela.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka