Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 29:1 - IsiZulu 2020

1 Nanka amazwi esivumelwano uSimakade amyala ngawo uMose ukuba asenze nabantu bakwa-Israyeli kwaMowabi ngaphandle kwaleso asenza nabo eHorebhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Nanka amazwi esivumelwano uJehova amyala ngaso uMose ukuba asenze nabantwana bakwa-Israyeli ezweni lakwaMowabi ngaphandle kwesivumelwano asenza nabo eHorebe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Lawa angamazwi esivumelwano uJehova ayala ngaso uMose ukuba asenze nabantwana bakwa-Israyeli ezweni lakwaMowabi ngaphandle kwesivumelwano asenza nabo eHorebe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 29:1
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yema ngasensikeni, yenza isivumelwano phambi kukaSimakade ukuthi izomlandela, igcine imiyalo yakhe, ubufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yayo yonke, nangomphefumulo wayo wonke, nokuthi iyogcina wonke amazwi alesi sivumelwano esibhalwe kule ncwadi. Bonke abantu basamukela isivumelwano.


Benza izibonakaliso nezimangaliso zakhe phakathi kwabo, ezweni likaHamu.


“Zwanini amazwi alesi sivumelwano, niwatshele bonke abantu bakwaJuda nezakhamuzi zaseJerusalema,


USimakade wayesethi kimi: “Memezela wonke lawa mazwi emizini kwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema, uthi: ‘Yizwani amazwi alesi sivumelwano, niwenze.


esingafani nesivumelwano engasenza nokhokho babo; mhla ngibabamba ngesandla, ngibakhipha eGibhithe; isivumelwano sami abasephula noma ngangiyinkosi yabo,” kusho uSimakade.


Ngiyakubenza abantu abeqe isivumelwano sami, abangawagcinanga amazwi esivumelwano abasenzile phambi kwami; ngiyakubenza njengethole abaliklaya kabili, badabula phakathi kwezinhlangothi zalo,


Lezi yizimiso nezehlulelo nemithetho okwamiswa nguSimakade phakathi kwakhe nabantu bakwa-Israyeli entabeni iSinayi, ngesandla sikaMose.


Le yimiyalo uSimakade ayala ngayo uMose ngabantu bakwa-Israyeli entabeni iSinayi.


Nina ningamadodana abaphrofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenza kokhokho benu, ethi ku-Abhrahama: ‘Ngolibo lwakho, iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.’


Lawa ngamazwi uMose awakhuluma kubo bonke abakwa-Israyeli phesheya kweJordani, ehlane i-Araba, maqondana neSufi, phakathi kwePharanu, iThofeli, iLabhani, iHazerothi, neDi Zahabhi.


USimakade uyakukubuyisela eGibhithe ngemikhumbi ngendlela engasho ngayo kuwe, ngathi: ‘Awusayukuphinda uyibone futhi.’ Lapho niyakuzithengisa ezitheni zenu nibe yizigqila nezigqilakazi; ningathengwa muntu.”


ukuba ungene esivumelwaneni sikaSimakade uNkulunkulu wakho, nasesifungweni sakhe asenza nawe namuhla uSimakade uNkulunkulu wakho,


UMose wababiza bonke abakwa-Israyeli, wathi kubo: “Nikubonile konke uSimakade akwenza eGibhithe nibuka, kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe, nasezweni lakhe lonke:


USimakade uyakumehlukanisela ububi kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli njengazo zonke izivumelwano ezilotshwe kule ncwadi yomthetho.


“Kuyothiwa ngalokho: ‘Ngokuba basishiya isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wokhokho babo asenza nabo mhla ebakhipha eGibhithe,


lwalunjani usuku owema ngalo phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho eHorebhe, lapho uSimakade athi kimi: ‘Ngiqoqele abantu ukuze ngibazwise amazwi ami, bafunde ukungesaba zonke izinsuku zokuhamba kwabo emhlabeni, futhi bawafundise nabantwana babo.’


Wamemezela kini isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisigcine, imiyalelo elishumi ayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.


Qaphelani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu asenza nani, bese nizenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uSimakade uNkulunkulu wakho akuyala ngayo.


esingafani nesivumelwano engasenza nokhokho babo mhla ngibabamba ngesandla ngibakhipha eGibhithe; ngokuba abasigcinanga isivumelwano sami, nami angibanakanga,” kusho iNkosi.


Yesabani uSimakade Yena yedwa, nimkhonze ngeqiniso, ngenhliziyo yenu yonke, nikhumbule izinto ezinkulu anenzele zona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka