Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 15:4 - IsiZulu 2020

Ngaleyo ndlela akuyukuba bikho ontulayo phakathi kwenu. USimakade uNkulunkulu wenu impela uyonibusisa ezweni aninika lona ukuba nilidle, libe yifa lenu,

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Nokho ngabe kungabikho abampofu kuwe, ngokuba uJehova uyakukubusisa nokukubusisa ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle,

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

ngaphandle kokuthi kungabikho ompofu phakathi kwenu; ngokuba uJehova uyakukubusisa kakhulu ezweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakukunika lona libe yifa lakho.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 15:4
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Owedelela umakhelwane wakhe uyona, kodwa lowo onomusa kwabampofu ubusisiwe.


Opha ompofu akayukuswela, kepha ositheza amehlo akhe uyakuba neziqalekiso eziningi.


nomLevi, lokhu engenasabelo nafa nawe, umfokazi, intandane, nomfelokazi, abasemizini yenu. Bayoza, badle, basuthe ukuze uSimakade uNkulunkulu wenu anibusise emsebenzini wonke wesandla senu eniwenzayo.”


uma nililalela ngempela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, niyigcina yonke le miyalo enginiyala ngayo namuhla.


USimakade uyakukwandisela okuhle: isithelo sesibeletho sakho, esemfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho ukukunika lona.


“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu uninikile leli lizwe ukuba nilidle; niyakuwelisa phambi kwabafowenu bakwa-Israyeli wonke amadoda anesibindi ehlomile.


“USimakade wangithukuthelela ngenxa yenu, wafunga ukuthi angiyukuliwela iJordani nokuthi angiyukungena kulelo lizwe elihle uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, libe yifa lakho.