Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 28:11 - IsiZulu 2020

11 USimakade uyakukwandisela okuhle: isithelo sesibeletho sakho, esemfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho ukukunika lona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UJehova uyakukwandisela okuhle: inzalo yesisu sakho, nenzalo yezinkomo zakho, nezithelo zomhlabathi wakho ezweni uJehova alifungela oyihlo ukukunika lona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UJehova uyakukwenza ube nokuchichima kokuhle, esithelweni sesisu sakho, nasesithelweni sezinkomo zakho, nasesithelweni sezwe lakho, ezweni uJehova alifungela oyihlo ukukunika lona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 28:11
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umoya wami uyanuka kumkami, sebeyanengwa yimi, ngisho nabantwana esaphuma nabo siswini sinye kumame.


Wababusisa, banda kakhulu, akaze ayinciphisa imfuyo yabo.


Bheka, abantwana bayifa elivela kuSimakade, isithelo sesibeletho singumklomelo.


USimakade wafunga kuDavide, iqiniso angayukuguquka kulo, wathi: “Ovela okhalo lwakho ngiyombeka esihlalweni sakho sobukhosi.


Isibusiso sikaSimakade siyacebisa; akenezeleli usizi kuso.


“ ‘Ngiyonenzela umusa, nginenze nichume kakhulu, nginandise, ngiqinise isivumelwano sami nani.


Bhekani, lelo lizwe ngininika lona; ngenani nilidle, yizwe uSimakade afunga kokhokho benu, o-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe ukuthi uzobanika lona, bona nezizukulwane zabo.’


“Siyakubusiswa isithelo sesibeletho sakho, nesomhlaba wakho, nesemfuyo yakho, kwande amankonyane ezinkomo zakho namazinyane ezimvu zakho.


USimakade uNkulunkulu wakho uyokwenza uphumelele kuyo yonke imisebenzi oyenzayo, isithelo sesibeletho sakho, esemfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, kube kuhle, ngokuba uSimakade uyobuye athokoze ukuba anichumise njengokuba athokoza ekuchumiseni okhokho bakho,


Uyakukuthanda, akubusise, akwandise, abusise nesithelo sesibeletho sakho, isithelo somhlabathi wakho, okusanhlamvu kwakho, iwayini lakho, amafutha akho, inzalo yezinkomo zakho, nezimvu zakho zande ezweni afunga ngalo kokhokho bakho ukukunika lona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka