Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 15:5 - IsiZulu 2020

5 uma nililalela ngempela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, niyigcina yonke le miyalo enginiyala ngayo namuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho kuphela, ugcine ukwenza yonke le miyalo engikuyala ngayo namuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kuphela uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze yonke le miyalo engikuyala ngayo namuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 15:5
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngazo, ngisho inceku yakho iyexwayiswa. Ukuzigcina kunomvuzo omkhulu.


Ngaleyo ndlela akuyukuba bikho ontulayo phakathi kwenu. USimakade uNkulunkulu wenu impela uyonibusisa ezweni aninika lona ukuba nilidle, libe yifa lenu,


USimakade uNkulunkulu wenu uyonibusisa njengokwethembisa kwakhe, niyotsheleka izizwe eziningi, kodwa nina ningatsheleki lutho kuzo. Niyobusa izizwe eziningi, kepha zona aziyukunibusa.


Angikudlanga okweshumi ekulileni kwami, angisusanga lutho kukho ngingcolile, anginikelanga ngakho kofileyo; ngilalele izwi likaSimakade uNkulunkulu wami, ngikwenze konke njengalokhu ungiyalile.


“Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi,


ukuze umesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho, zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho.


Okubalulekile, hambani ngokufanele ivangeli likaKhristu, ukuze kuthi noma ngiza ukuzonibona noma ngizwa ngani ngingekho, ngizwe ukuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye; nilwela inkolo yevangeli.


Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, uqaphele ukwenza njengokomthetho wonke inceku yami uMose akuyala ngawo. Ungachezuki nakancane kuwo, uye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo noma kuphi lapho uya khona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka