Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 14:29 - IsiZulu 2020

29 nomLevi, lokhu engenasabelo nafa nawe, umfokazi, intandane, nomfelokazi, abasemizini yenu. Bayoza, badle, basuthe ukuze uSimakade uNkulunkulu wenu anibusise emsebenzini wonke wesandla senu eniwenzayo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 nomLevi, lokhu engenasabelo nafa nawe, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi, abangaphakathi kwamasango akho, bayakuza, badle, basuthe ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wesandla sakho owenzayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

29 UmLevi (ngokuba akanasabelo nafa nawe), nomfokazi nentandane nomfelokazi abasemasangweni akho, bayakuza, badle, basuthe; ukuze uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wesandla sakho owenzayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 14:29
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ubusisiwe onakekela ohluphekayo, uSimakade uyomsindisa ngosuku lwenhlupheko.


USimakade uyomlondoloza, amgcine ephila; uyobusiswa ezweni. Akayukumnikela ezifisweni zezitha zakhe.


Babulala abafelokazi nabafokazi, babulale nezintandane.


Ophanayo wandelwa yingcebo yakhe, kodwa oncishanayo uzibangela ubuphofu bodwa.


Onomusa kompofu wetsheleka uSimakade; uyakuthola umvuzo.


Fundani ukwenza okuhle, nifune ubulungiswa, nimelane nabacindezeli, nivikele izintandane, nimele abafelokazi.


“ ‘Umfokazi ogogobele phakathi kwenu, uyokuba njengowolibo phakathi kwenu, niyomthanda njengalokhu nizithanda nina, ngokuba nani naningabafokazi eGibhithe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


USimakade wathi ku-Aroni: “Awuyukuba nafa ezweni lakubo, futhi awuyukuba nasabelo phakathi kwabo; Mina ngiyisabelo sakho nefa lakho phakathi kwabantu bakwa-Israyeli.


Kepha-ke lokho okungaphakathi kupheni abampofu, konke kuzakube kuhlambulukile kini.


Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitshelekise ningalindele kubuyiselwa, uma nenze kanjalo uyakuba mkhulu umvuzo wenu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba Yena umnene kwabangabongiyo nababi.


Ngalokho uLevi akanasabelo nalifa kanye nabafowabo; uSimakade uyifa lakhe njengokusho kukaSimakade uNkulunkulu wakho kuye.


Niyothokoza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, nina namadodana enu, amadodakazi enu, izinceku zenu, izincekukazi zenu, nomLevi ophakathi kwamasango enu, lokhu engenasabelo nafa elingelakhe phakathi kwenu.


nomLevi ophakathi kwamasango akho awuyukumlahla, ngokuba akanasabelo nafa nawe.


Niyomnika ngokwevile, nangenhliziyo ekhululekile ngesikhathi nimnika, ngokuba ngenxa yalokho uSimakade uNkulunkulu wakho uyowubusisa wonke umsebenzi wenu, nakho konke enibeka isandla senu kukho.


Uyokwenama phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, umLevi ohlala emzini wakho, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala phakathi kwenu, uyokwenza lokhu endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale khona.


wename ngomkhosi wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, umLevi, umfokazi, intandane, nomfelokazi ophakathi kwamasango akho.


“Uma wenza isifungo kuSimakade uNkulunkulu wakho, ungalibali ukusifeza, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ulindele ukuba usifeze impela, ukungasifezi kuyakuba yisono kuwe.


“USimakade uyakuyala isibusiso sibe phezu kwakho, ezinqolobaneni zakho nakukho konke okwenzayo, uyakukubusisa ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.


izindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga, imithombo embiweyo ongayimbanga, izivini neminqumo ongakutshalanga, uyodla futhi usuthe,


Ningakhohlwa wukuphatha kahle izihambi, ngokuba abanye benu ngokwenza kanjalo baphatha kahle izingelosi bengazi.


Ukukholwa okumhlophe nokungangcolisiwe phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu: ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenacala lokwezwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka