Base bethi: “Wozani sizakhele isithabathaba somuzi onombhoshongo omude ofinyelela esibhakabhakeni, ukuze ngawo sizakhele igama emhlabeni, singahlakazeki nezwe lonke!”
UDuteronomi 1:28 - IsiZulu 2020 Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile ukuba izinhliziyo zethu ziphele amandla, ngokuba bathe: “Abantu balo banamandla, futhi bayimidondoshiya; imizi yakhona mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini, futhi sibone abozalo luka-Anaki khona.” ’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile izinhliziyo zethu ziphele amandla ngokusho ukuthi: “Abantu bakhulu, bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini; futhi sibonile amadodana ama-Anaki khona.” ’ Contemporary Zulu Bible 2024 Siyakukhuphukelaphi na? abafowethu badikibalisa izinhliziyo zethu ngokuthi: Abantu bakhulu futhi bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe ngezindonga kuze kufike ezulwini; futhi sabona amadodana ama-Anaki lapho. |
Base bethi: “Wozani sizakhele isithabathaba somuzi onombhoshongo omude ofinyelela esibhakabhakeni, ukuze ngawo sizakhele igama emhlabeni, singahlakazeki nezwe lonke!”
Izikhulu zakwa-Edomi zaba netwetwe; izikhulu zakwaMowabi zathuthumela; zonke izakhamuzi zaseKhanani zaphelelwa ngamandla.
Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Ububulelani na?’ uthi kubo: ‘Kungenxa yombiko, ngokuba ngesikhathi oyakufika ngaso, zonke izinhliziyo ziyakudikibala, izandla zidangale, yonke imiphefumulo ibe buthakathaka, kugcwale amanzi emadolweni.’ Lokhu kuyeza, futhi kuyakwenzeka,” kusho iNkosi uSimakade.
Kwakuhlala khona kuqala ama-Emithe, abantu abakhulu, abaningi, nabade njengama-Anaki.
Izihlahla ozaziyo ukuthi aziyizo ezezithelo ezidliwayo, uyakuzibhubhisa, uyakuzigawula, wakhe ngazo izinqaba ngasemzini olwa nawe, uze uwunqobe.”
Izikhulu ziyokhuluma futhi kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owesabayo, ozizwa entekenteke enhliziyweni, na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa izinhliziyo zabafowabo zibe ntekenteke njengenhliziyo yakhe.’
“Uma uyakuthi enhliziyweni yakho: ‘Lezi zizwe ziningi kunami; ngingazixosha kanjani, na?’
Akusalanga noyedwa kuma-Anaki ezweni labakwa-Israyeli; kwasala kuphela ingxenye eGaza, eGathi, nase-Ashidodi.
Kodwa abafowethu engangikhuphuke nabo baba nombiko oqeda abantu amandla. Kepha mina ngamlandela uSimakade uNkulunkulu ngenhliziyo epheleleyo.
UKhalebhu waxosha kuwo amadodana amathathu ka-Anaki: uSheshayi, u-Ahimani noThalimayi, ababeyizizukulwane zika-Anaki.
Sithe ukuba sizwe ngalokho izinhliziyo zangenwa yingebhe, kwangaba bikho muntu onesibindi sokuma phambi kwenu, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu, unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi.
Athi kuJoshuwa: “Ngempela, uSimakade ulinikele lonke izwe ezandleni zethu; ngaphezu kwalokho zonke izakhamuzi zezwe ziyagedezela wuvalo lokusesaba.”
wathi kuzo: “Ngiyazi ukuthi uSimakade uNkulunkulu uninikile leli lizwe nokuthi sonke sigcwele ingebhe ngenxa yenu, nokuthi zonke izakhamuzi zaleli lizwe zinesaba okokufa.
UJuda walwa namaKhanani ayehlala eHebhroni, okwakuthiwa yiKiriyathi Arbha, babulala uSheshayi, u-Ahimani, noThalimayi.
IHebhroni lanikwa uKhalebhu njengalokhu uMose ayeshilo, waxosha kuyo amadodana amathathu ka-Anaki.