Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 11:4 - IsiZulu 2020

4 Base bethi: “Wozani sizakhele isithabathaba somuzi onombhoshongo omude ofinyelela esibhakabhakeni, ukuze ngawo sizakhele igama emhlabeni, singahlakazeki nezwe lonke!”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bathi: “Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bathi: “Hambani, sizakhele umuzi nombhoshongo osiqongo sawo singafika ezulwini; masizenzele igama, funa sihlakazeke emhlabeni wonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 11:4
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalezo zinsuku nasemveni kwazo, kwaba khona iziqhwaga emhlabeni. Amadodana kaNkulunkulu alala namadodakazi abantu, awazalela abantwana. Baba ngamaqhawe asendulo, adumileyo.


UDavide wayesezenzele igama ekubuyeni kwakhe, wayesebulele ama-Aramu ayizi-18 000 eSigodini Sikasawoti.


Bakhuphukela emazulwini, babuye behlela ezinzulwini zolwandle, umphefumulo wadangala ngenxa yosizi.


Ngokuba izitha zakho, Simakade, izitha zakho ziyakubhubha, bonke abenza okubi bayakuhlakazwa,


Ukukhunjulwa kolungileyo kuyisibusiso, kepha igama lezikhohlakali liyakubola.


“Ngisho noma iBhabhele lingafinyelela esibhakabhakeni, liyiqinise inqaba yalo ephakemeyo, nokho ngiyakuthumela ababhubhisi, balithelekele,” kusho uSimakade.


Isihlahla sakhula, saqina, ubude baso babufinyelela ezulwini, sibonakala emhlabeni wonke jikelele.


nguwe nkosi okhulile waqina, ngokuba ubukhulu bakho bukhulile, bufinyelele ezulwini, nokubusa kwakho kuze kube sekugcineni komhlaba.


Ngalokho, nkosi, masamukeleke kuwe iseluleko sami, ushiye izono zakho ngokwenza okulungileyo, uhlukane nobubi bakho ngokuba nomusa kwabampofu; mhlawumbe impumelelo yakho ingaqhubekela phambili.”


Inkosi yathatha, yathi: “Angithi yileli Bhabhele elikhulu engilakhileyo ukuba libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami na?”


Wenzile amandla ngengalo yakhe; uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo.


Pho ningakholwa kanjani nisadumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu okunguye yedwa na?


Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile ukuba izinhliziyo zethu ziphele amandla, ngokuba bathe: “Abantu balo banamandla, futhi bayimidondoshiya; imizi yakhona mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini, futhi sibone abozalo luka-Anaki khona.” ’


USimakade uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uSimakade eyakunixoshela khona.


“Yizwa Israyeli: uzakuwela iJordani namuhla, ungene ukuba wephuce izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, imizi emikhulu nebiyelwe kuze kube sezulwini,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka