Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 1:10 - IsiZulu 2020

10 UJuda walwa namaKhanani ayehlala eHebhroni, okwakuthiwa yiKiriyathi Arbha, babulala uSheshayi, u-Ahimani, noThalimayi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UJuda wayesehlasela amaKhanani ayakhe eHebroni igama leHebroni laliyiKiriyati Araba kuqala babulala oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UJuda wasesuka wahlasela amaKhanani ayakhe eHebroni; igama leHebroni kuqala laliyiKiriyati Araba; babulala oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 1:10
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wafela emzini waseKhiriyathi Arbha, okusho ukuthi eHebhroni eKhanani. U-Abhrahama wangena, walila ngoSara.


Wathi kuye: “Hamba uyobona ukuthi abafowenu nemfuyo basaphatheke kahle yini, bese ungilethela umbiko.” Wamthuma esuka esigodini eHebhroni, waze wayofika eShekhemu.


Kukhona okunye engakubona phansi komthunzi welanga: umncintiswano wokugijima awuyi ngajubane, nempi akusiyo eyabanamandla, nakudla kohlakaniphileyo, namcebo, nampumelelo kwabanamakhono, kodwa isikhathi nethuba kubehlela bonke.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazishayi isifuba ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe.


Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebhroni; lapho kwakukhona u-Ahimani, uSheshayi, uThalimayi, nalabo abayizizukulwane zika-Anaki. IHebhroni lalakhiwe iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kokwakhiwa kweZowani, eGibhithe.


Sibone futhi laphaya neziqhwaga zozalo luka-Anaki. Thina sazibona sibancane njengezintethe phambi kwazo, saba njalo emehlweni azo.”


UJoshuwa wakhuphukela e-Egiloni nabo bonke abakwa-Israyeli, baya eHebhroni, balwa nalo.


Igama leHebhroni kuqala kwakuyiKiriyathi Arbha; lo Arbha wayengumuntu omkhulu phakathi kwama-Anaki. Izwe laphumula ekulweni.


IHebhroni lanikwa uKhalebhu njengalokhu uMose ayeshilo, waxosha kuyo amadodana amathathu ka-Anaki.


Emveni kwalokho abantu bakwaJuda behla bayokulwa namaKhanani ayehlala kwelezintaba eNingizimu, nasemathafeni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka