Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 20:20 - IsiZulu 2020

20 Izihlahla ozaziyo ukuthi aziyizo ezezithelo ezidliwayo, uyakuzibhubhisa, uyakuzigawula, wakhe ngazo izinqaba ngasemzini olwa nawe, uze uwunqobe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Imithi oyaziyo ukuthi ayisiyo imithi yokudla, yiyona kuphela oyakuyichitha, uyigawule, wakhe izinqaba ngasemzini olwa nawe, uze uwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kuphela izihlahla ozaziyo ukuthi azizona izihlahla ezidliwayo, kufanele uzichithe futhi uzigawule; futhi kumelwe wakhe izivikelo ngokumelene nomuzi olwa nawe, uze unqotshwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 20:20
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Niyakuyibhubhisa yonke imizi ebiyelweyo, yonke imizi yekhethelo. Niyakugawula yonke imithi emihle, nivimbe yonke imithombo yamanzi, zonke iziqinti zomhlaba wakhona nizenze incithakalo ngamatshe.”


EJerusalema wakha imishini yempi eyasungulwa ngokuhlakanipha, wayibeka phezu kwemibhoshongo nasezingosini ezithile, ukuze kuphonswe ngayo imicibisholo namatshe amakhulu. Igama lakhe laduma kude naseduze ngokuba wasizwa ngokumangalisayo waze waba namandla amakhulu.


Kwakukhona umuzi omncane owawunabantu abayingcosana; kwase kufika inkosi enkulu yawuhlasela, yawuvimbezela, yakha izindunduma ezinkulu zokuhlasela.


“Ngalokho usho kanje uSimakade ngenkosi yase-Asiriya, uthi: “Ayiyukuza kulo muzi, ayiyukucibishela mcibisholo kuwo, ayiyukuza kuwo iphethe isihlangu, noma yenze kuwo izindunduma zokuhlasela.


Ngokuba usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngezindlu zalo muzi nangezigodlo zamakhosi akwaJuda ezidiliziwe ukuze kwakhiwe indunduma yokuvikela ekuhlaselweni nasenkembeni, uthi:


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Gawulani imithi yalo, ninqwabele indunduma ngakulo iJerusalema. Umuzi wonke uyojeziswa, ngayo yonke ingcindezelo ephakathi kwawo.


UFaro, ngempi yakhe enkulu nebandla elikhulu analo, akayukumsiza empini, nalapho kwenziwa indunduma, kwakhiwa udonga lokuvimbezela ukuze kubulawe abantu abaningi.


Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile ukuba izinhliziyo zethu ziphele amandla, ngokuba bathe: “Abantu balo banamandla, futhi bayimidondoshiya; imizi yakhona mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini, futhi sibone abozalo luka-Anaki khona.” ’


“Uma uvimbezela umuzi isikhathi eside ulwa nawo ukuze uwudle, awuyukuzicekela phansi izihlahla ngokuzigawula ngezembe, ngokuba uyakudla kuzo; ungazigawuli, ngokuba isihlahla sasendle singumuntu yini ukuba ungaze usihlasele, na?


“Uma kutholakala umuntu obulewe ezweni akunika lona uSimakade uNkulunkulu wakho ukuba ulidle, edindilize endle, kungaziwa ukuthi ubulewe ngubani;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka