UDaniyeli 1:15 - IsiZulu 2020 Ngasekupheleni kwezinsuku ezilishumi, ubuso babo babonakala bubuhle, babekhuluphele emzimbeni kunabo bonke abafana ababedla isabelo sokudla kwenkosi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngasekugcineni kwezinsuku eziyishumi ubuso babo babonakala bubuhle, babekhuluphele emzimbeni kunabo bonke abafana ababedla isabelo sokudla kwenkosi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ekupheleni kwezinsuku eziyishumi ubuso babo babonakala buhle kakhulu, zikhuluphele kunabo bonke abantwana abadla ukudla kwenkosi. |
Niyakumkhonza uSimakade uNkulunkulu wenu, Mina ngiyobusisa ukudla namanzi enu, ngisuse izifo phakathi kwenu.
Nitshale okuningi, kodwa navuna okuncane; niyadla kepha anisuthi; niyaphuza, kodwa ananeliswa; niyembatha, kepha anifudumali, othola umholo uwufaka esikhwamemi esibhobokile.’
“Benilindele okuningi, kodwa niyabona-ke, nithole okuncane, lapho nikuyisa ekhaya, ngakuphephetha. Ngobani na?” Kubuza uSimakade Wamabandla. “Ngoba indlu yami iyincithakalo, kodwa nina niyagijima, kube yilowo nalowo endlini yakhe.
Uma ningaleli, uma ningazimiseli enhliziyweni ukuhlonipha iGama lami, ngiyakunithumelela isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, impela sengiziqalekisile, ngokuba anizimisele enhliziyweni, kusho uSimakade Wamabandla.
Kepha uJesu waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu angaphila ngaso, kodwa ngamazwi wonke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”