Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDaniyeli 1:15 - IsiZulu 2020

Ngasekupheleni kwezinsuku ezilishumi, ubuso babo babonakala bubuhle, babekhuluphele emzimbeni kunabo bonke abafana ababedla isabelo sokudla kwenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngasekugcineni kwezinsuku eziyishumi ubuso babo babonakala bubuhle, babekhuluphele emzimbeni kunabo bonke abafana ababedla isabelo sokudla kwenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ekupheleni kwezinsuku eziyishumi ubuso babo babonakala buhle kakhulu, zikhuluphele kunabo bonke abantwana abadla ukudla kwenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDaniyeli 1:15
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kungcono okuncane anakho umuntu olungileyo, kunengcebo yababi abaningi.


Niyakumkhonza uSimakade uNkulunkulu wenu, Mina ngiyobusisa ukudla namanzi enu, ngisuse izifo phakathi kwenu.


Isibusiso sikaSimakade siyacebisa; akenezeleli usizi kuso.


Yabalalela kulokho, yabalinga izinsuku ezilishumi.


Nitshale okuningi, kodwa navuna okuncane; niyadla kepha anisuthi; niyaphuza, kodwa ananeliswa; niyembatha, kepha anifudumali, othola umholo uwufaka esikhwamemi esibhobokile.’


“Benilindele okuningi, kodwa niyabona-ke, nithole okuncane, lapho nikuyisa ekhaya, ngakuphephetha. Ngobani na?” Kubuza uSimakade Wamabandla. “Ngoba indlu yami iyincithakalo, kodwa nina niyagijima, kube yilowo nalowo endlini yakhe.


Uma ningaleli, uma ningazimiseli enhliziyweni ukuhlonipha iGama lami, ngiyakunithumelela isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, impela sengiziqalekisile, ngokuba anizimisele enhliziyweni, kusho uSimakade Wamabandla.


Kepha uJesu waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu angaphila ngaso, kodwa ngamazwi wonke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”