Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hagayi 1:9 - IsiZulu 2020

9 “Benilindele okuningi, kodwa niyabona-ke, nithole okuncane, lapho nikuyisa ekhaya, ngakuphephetha. Ngobani na?” Kubuza uSimakade Wamabandla. “Ngoba indlu yami iyincithakalo, kodwa nina niyagijima, kube yilowo nalowo endlini yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Nabheka okuningi; bhekani, kwaphenduka okuncane; lapho nakuletha ekhaya, ngakuphephetha. Ngani na?” usho uJehova Sebawoti. “Ngenxa yendlu yami eyize, nina nisagijimela, kube yilowo nalowo endlini yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Nilinde kakhulu, bhekani, sekukuncane; ekuletheni kwenu ekhaya, ngakuphephetha; Kungani? usho uJehova Sebawoti. Ngenxa yendlu yami eyincithakalo, nigijime, kube yilowo nalowo endlini yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hagayi 1:9
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwaba khona indlala, ezinsukwini zikaDavide, iminyaka emithathu ilandelana. UDavide wafuna ubuso bukaSimakade. USimakade wathi: “Lokhu kungenxa kaSawule nendlu yakhe abachitha igazi, ngokuba babulala abaseGibheyoni.”


Kwembulwa izisekelo zolwandle, nezisekelo zomhlaba zabonakaliswa ngenxa yokuthetha kukaSimakade, nokufutha kwamakhala akhe.


Bheka, ngizothumela kuye umoya, uyakuzwa umbiko, bese ebuyela ezweni lakubo, ngimwise khona ngenkemba.” ’ ”


Ngiyakuthi kuNkulunkulu: ‘Ungangilahli njengonecala, kodwa ngazise; kuyini ongiphikisa ngakho na?


Ophanayo wandelwa yingcebo yakhe, kodwa oncishanayo uzibangela ubuphofu bodwa.


Indawo yabafileyo nokubhubha akusuthi, namehlo omuntu awasuthi.


Zonke izinto ziyakhandla, umuntu angezichaze. Iso alideli ngokubona, nendlebe ayigcwali ngokuzwa.


Utshani buyabuna, imbali iyavuthuluka, ngokuba uMoya kaSimakade uyakuphephetha. Impela abantu bangutshani.


Ngokuba ama-eka alishumi esivini ayakuthela ibhathi libe linye, ihomere lembewu lithele i-efa nje.”


Bahlwanyela ukolo, bavune ameva; bazikhandlile, kodwa abazuzanga lutho. Yebo, dumalani ngenxa yezithelo zenu ngenxa yokuvutha kolaka lukaSimakade.”


Intukuthelo yami ngiyakuyithululela phezu kwakho, ngikufuthe ngomlilo wolaka lwami, ngikunikele ezandleni zabantu abanonya, abangongoti bokubhubhisa.


Ngonyaka wesihlanu niyokudla izithelo zayo, ukuze ithele kakhulu; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


“Ngabe sekuyisikhathi senu yini lesi sokuba nihlale ezindlini zenu ezihlotshisiwe, ekubeni le ndlu iyincithakalo, na?”


Nitshale okuningi, kodwa navuna okuncane; niyadla kepha anisuthi; niyaphuza, kodwa ananeliswa; niyembatha, kepha anifudumali, othola umholo uwufaka esikhwamemi esibhobokile.’


Uma ningaleli, uma ningazimiseli enhliziyweni ukuhlonipha iGama lami, ngiyakunithumelela isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, impela sengiziqalekisile, ngokuba anizimisele enhliziyweni, kusho uSimakade Wamabandla.


“Uyophuma nembewu eningi, uye ensimini, uvune okuyingcosana, ngokuba kuyodliwa yisikhonyane.


“ ‘Kepha ngihlushwa yilokhu ngawe, ukuthi usululahlile uthando lokuqala.


“ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka