Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 1:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngasekugcineni kwezinsuku eziyishumi ubuso babo babonakala bubuhle, babekhuluphele emzimbeni kunabo bonke abafana ababedla isabelo sokudla kwenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 Ngasekupheleni kwezinsuku ezilishumi, ubuso babo babonakala bubuhle, babekhuluphele emzimbeni kunabo bonke abafana ababedla isabelo sokudla kwenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ekupheleni kwezinsuku eziyishumi ubuso babo babonakala buhle kakhulu, zikhuluphele kunabo bonke abantwana abadla ukudla kwenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 1:15
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Okuncane anakho olungileyo kungcono kunemfuyo yababi abaningi.


Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa izifo phakathi kwenu.


Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.


Yabalalela kule nto, yabalinga izinsuku eziyishumi.


Nihlwanyela okuningi, ningenisa okuyingcosana; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha ananeliswa; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.”


“Nabheka okuningi; bhekani, kwaphenduka okuncane; lapho nakuletha ekhaya, ngakuphephetha. Ngani na?” usho uJehova Sebawoti. “Ngenxa yendlu yami eyize, nina nisagijimela, kube yilowo nalowo endlini yakhe.


Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.


Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka