Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMalaki 2:2 - IsiZulu 2020

2 Uma ningaleli, uma ningazimiseli enhliziyweni ukuhlonipha iGama lami, ngiyakunithumelela isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, impela sengiziqalekisile, ngokuba anizimisele enhliziyweni, kusho uSimakade Wamabandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Uma ningalaleli, futhi uma ningakubekeli enhliziyweni ukunika igama lami udumo, usho uJehova Sebawoti, ngiyakuthuma phezu kwenu isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu; yebo, sengikwenzile. Waziqalekisa, ngokuba awukubeki enhliziyweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMalaki 2:2
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Itafula labo malibe wugibe kubo, nesihibe sezitha zabo.


Isiqalekiso sikaSimakade sisendlini yezikhohlakali, kodwa uyalibusisa ikhaya labalungileyo.


Wathela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe, nesihluku sempi; kwavutha nxazonke, kodwa akaqondanga; kwashisa, nokho akazange akubeke enhliziyweni yakhe.


Wathi wena: ‘Ngiyohlala ngiyindlovukazi, kuze kube phakade.’ Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho, awukhumbulanga isiphetho sazo.


“Ngubani owawunovalo ngaye, futhi umesaba, waze waqamba amanga; awungikhumbulanga, futhi awukufakanga enhliziyweni yakho na? Angithulanga yini kwaze kweqa, okukwenze awaba nakungesaba na?


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: nina aningilalelanga ukuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo nakumakhelwane wakhe. Bhekani, ngizakumemezela ukukhululeka kini, kusho uSimakade. Ngizokhulula inkemba, ubhubhane nendlala; nginenze nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.


Kepha indlu yakwa-Israyeli ayiyukukulalela futhi ayizimisele ukungilalela nami, ngokuba yonke indlu yakwa-Israyeli inebunzi elilukhuni nenhliziyo eqinile.


Nitshale okuningi, kodwa navuna okuncane; niyadla kepha anisuthi; niyaphuza, kodwa ananeliswa; niyembatha, kepha anifudumali, othola umholo uwufaka esikhwamemi esibhobokile.’


“Benilindele okuningi, kodwa niyabona-ke, nithole okuncane, lapho nikuyisa ekhaya, ngakuphephetha. Ngobani na?” Kubuza uSimakade Wamabandla. “Ngoba indlu yami iyincithakalo, kodwa nina niyagijima, kube yilowo nalowo endlini yakhe.


“Manje lo myalo uqondene nani baphristi.


Niqalekisiwe ngesiqalekiso, niyangiqola sizwe ngothi lwenu.


Abatholakalanga yini abazobuya bamnike udumo uNkulunkulu, ngaphandle kwalo wabezizwe na?”


UJoshuwa wathi ku-Akhani: “Ndodana yami, mnikeze udumo uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uvume kuye isono sakho. Ngitshele manje ukuthi wenzeni; ungangifihleli lutho.”


Uma umuntu ekhuluma, makakhulume ngokwamazwi avela kuNkulunkulu. Uma umuntu ekhonza, makakhonze njengokwamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Khristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


Yasho ngezwi elikhulu, ithi: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike udumo, ngokuba ihora lokwehlulela kwakhe selifikile. Mkhonzeni lowo owadala izulu, umhlaba ulwandle, nemithombo yamanzi.”


Abantu bashiswa ngukushisa okukhulu, kodwa balihlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupheko, futhi abaphendukanga ukuba bamnike udumo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka