khona inkosi izokhangwa ngubuhle bakho, ngokuba yona iyinkosi yakho, uboyikhothamela.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:1 - IsiZulu 2020 Uyazi, umuhle sithandwa sami! Uyazi, umuhle! Amehlo akho angamajuba ngale kwemvakazi yakho. Izinwele zakho zifana nomhlambi wezimbuzi wehla entabeni yakwaGileyadi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, umuhle, sithandwa sami! Bheka, umuhle! Unamehlo amajuba emva kwemvakazi yakho; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi owehla entabeni yakwaGileyadi. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, umuhle, sithandwa sami; bheka, umuhle; unamehlo ejuba phakathi kwezikhiye zakho; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi ovela entabeni yakwaGileyadi. |
khona inkosi izokhangwa ngubuhle bakho, ngokuba yona iyinkosi yakho, uboyikhothamela.
Othandiweyo wami waphendula wathi kimi: “Vuka sithandwa sami, simomondiya sami, woza sihambe.
Juba lami elisemifantwini yedwala elisekusithekeni endaweni eyehlelayo, mangikubone siqu sakho. Mangizwe izwi lakho, ngokuba izwi lakho limnandi, nesiqu sakho siyabukeka.
Susa amehlo akho kimi, ngokuba ayangisanganisa, izinwele zakho zifana nomhlambi wezimbuzi wehla entabeni yakwaGileyadi.
Ikhanda lakho linjengeKharimeli, nomyeko okulo usabukhwebezane, inkosi ibambeke njengomthunjwa emiyekweni.
Ngokuba usho kanje uSimakade ngesigodlo senkosi yakwaJuda, uthi: “Ufana neGileyadi kimi, nanjengesicongo seLebhanoni, kodwa ngiyokwenza ube yihlane nemizi okungahlali muntu kuyo.
Igama lakho laduma ezizweni ngenxa yobuhle bakho, ngokuba laliphelele ngenxa yemihlobiso engangikuvunulise ngayo,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
Yelusa abantu bakho ngentonga yakho; umhlambi oyifa lakho, ohlala wodwa ehlathini phakathi eKharimeli; mawuklabe eBhashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasemandulo.
Abozalo lukaRubeni nabolukaGadi babenemfuyo eningi kakhulu. Lapho bebona ukuthi izwe lakwaJazeri nelakwaGileyadi liyindawo enhle emfuyweni yabo,
Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; yikhona imiphefumulo yenu iyakufumana ukuphumula.
Kepha thina sonke ubuso bethu obambuliwe esibuka inkazimulo yeNkosi ngokungathi esibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso, kusuka kuleli zinga lenkazimulo kuya kwelinye, lokhu kuvela eNkosini enguMoya.