Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KuThithu 1:9 - IsiZulu 2020

obambelele ezwini elithembekileyo ngokwemfundiso, okwaziyo ukugqugquzela abanye ngemfundiso elungileyo nokudalula abaphikisana nayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

obambelele ezwini elithembekileyo ngokwesifundiso, aze abe nakho nokuyala ngesifundiso esiphilileyo nokwahlula abaphikayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

ebambelele ezwini elithembekileyo njengalokho efundisiwe, ukuze abe-namandla okuyala ngesifundiso esiphilileyo, nokuqinisekisa abaphikayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

ebambelele ezwini elithembekileyo njengalokho efundisiwe, ukuze abe-namandla okuyala ngesifundiso esiphilileyo, nokuqinisekisa abaphikayo.

Uka jalj uñjjattʼäta



KuThithu 1:9
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi uSimakade kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele yini inceku yami uJobe na? Akekho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici, oqotho, owesaba uNkulunkulu, ogwema okubi, osabambelele ebumsulweni bakhe noma ungibelesela ukuba ngimelane naye, ngimbhubhise engenacala.”


Ngibambelele ekulungeni kwami, angisoze ngakuyeka, inhliziyo yami ayizenyezi nangolulodwa lwemihla yami.


Thengisisa iqiniso, ukuhlakanipha, ukuyalwa, nokuqonda, ungathengisi ngakho.


ngokuba wabaphikisa abaJuda ngamandla phambi kwabantu, ekhomba ngemibhalo ukuthi uJesu unguKhristu.


Kodwa uma bonke bephrofetha, bese kungena ongakholwa noma ongenalwazi, uyakusolwa yibo bonke, bamahlulele bonke;


Vivinyani konke, nibambisise okuhle.


Ngalokho-ke bazalwane, yimani niqine, nibambelele kulelo qiniso enalifundiswa noma ngezwi noma ngencwadi yethu.


izifebe, abesilisa abalalanayo, abathumba abantu, abaqambimanga, abafunga amanga, nanoma yikuphi okunye okuphambene nemfundiso elungileyo;


Lithembekile leli lizwi, futhi lifanele impela ukwemukelwa, elithi: uKhristu uJesu weza emhlabeni ukuzosindisa izoni, engingesikhulu mina kuzo.


unokukholwa nonembeza omuhle, abanye abakulahlile, bafelwa ngumkhumbi wabo wokukholwa,


Lithembekile leli lizwi, lifanele impela ukwemukelwa,


Uma kukhona umuntu ofundisa okwahlukileyo, ephikisana namazwi aqinisileyo eNkosi yethu uJesu Khristu nemfundiso enokwesaba uNkulunkulu;


Landela isibonelo samazwi amahle owawezwa kimi ngokukholwa, nothando olukuKhristu uJesu.


Lokho okuzwile kimi phambi kofakazi abaningi, kwedlulisele kubantu abathembekileyo, abafanele ukufundisa abanye.


ibayale ngomoya omnene abamelene nayo, hleze uNkulunkulu abanike ithuba lokuphenduka, baze balivume iqiniso,


Kodwa wena bambelela kulokho okufundile nowakukholwa, wazi ukuthi ukufunde kobani,


Ngokuba kuyakufika isikhathi abangayukuyamukela ngaso imfundiso elungileyo, kodwa bayakuzibuthela abafundisi ngokwezinkanuko zabo nangokubatshwa kwezindlebe zabo.


okufanele bavalwe umlomo bathuliswe, abadunga wonke umndeni, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.


Kepha wena khuluma ngalokho okufanele imfundiso elungileyo,


Bathandekayo, ngisha amashushu ngifuna ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke, ngikuthola kubalulekile ukuba nginilobele, nginikhuthaze ukuba nilulwele ukholo olwabekwa kwabakanye kwabangcwele.


kodwa bambisisani lokhu eninakho, ngize ngifike.


“ ‘Ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabi bikho muntu okwephuca umqhele wakho.


Ngakho-ke khumbula ukuthi wemukela, wezwa kanjani, ukugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela; kawusoze walazi ihora engiyakufika ngalo kuwe.