Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KuThithu 1:9 - Baasraak Zulu New Testament Bible

9 ebambelele ezwini elithembekileyo njengalokho efundisiwe, ukuze abe-namandla okuyala ngesifundiso esiphilileyo, nokuqinisekisa abaphikayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 obambelele ezwini elithembekileyo ngokwesifundiso, aze abe nakho nokuyala ngesifundiso esiphilileyo nokwahlula abaphikayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 obambelele ezwini elithembekileyo ngokwemfundiso, okwaziyo ukugqugquzela abanye ngemfundiso elungileyo nokudalula abaphikisana nayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 ebambelele ezwini elithembekileyo njengalokho efundisiwe, ukuze abe-namandla okuyala ngesifundiso esiphilileyo, nokuqinisekisa abaphikayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KuThithu 1:9
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba wawakholisa kakhulu abaJuda, naphambi kwabantu, ebonakalisa ngemibhalo ukuthi uJesu unguKristu.


Kepha uma bonke beprofetha, kungene ongakholwayo noma ongafundile, uyovunywa yibo bonke, ahlulelwe yibo bonke;


Hlolani izinto zonke; bambelelani kokuhle.


Ngakho-ke, bazalwane, yimani niqine, nibambe amasiko enawafundiswa, noma ngezwi noma ngencwadi yethu.


Izifebe, labazingcolisa kanye labantu, amasela abantu, abaqambimanga, abafunga amanga, njalo uba kukhona okunye okuphambana lemfundiso ephilileyo;


Likholekile leli zwi, lifanele ukwamukelwa konke, ukuthi uKristu Jesu weza ezweni ukusindisa izoni; engiyinduna yabo.


Ubambile ukholo nonembeza omuhle; abanye ngokuyilahla ngokukholwa, baphahlazeka umkhumbi;


Likholekile leli zwi, lifanele ukwamukelwa konke.


Uma umuntu efundisa enye into, engavumelani namazwi aphilileyo, amazwi eNkosi yethu uJesu Kristu, nesifundiso esivumelana nokumesaba uNkulunkulu;


Bambelela endleleni yamazwi aphilileyo owawezwa kimi ekukholweni nangothando olukuKristu Jesu.


Lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abanengi, lokho kubeke ebantwini abathembekileyo abazakuba lamandla okufundisa labanye.


Ubayala ngobumnene labo abamelana labo; uma mhlawumbe uNkulunkulu ebanika ukuphenduka ekulazini iqiniso;


Kepha wena hlala ezintweni ozifundileyo waqiniselwa kuzo, wazi ukuthi wazifunda kubani;


Ngokuba siyeza isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilileyo; kodwa ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi, beluma izindlebe;


abamelwe ukuvalwa umlomo, abachitha izindlu ziphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.


Kepha wena khuluma izinto ezifanele isifundiso esiphilileyo;


Bathandekayo, ngisenza inkuthalo yonke ukulibhalela ngensindiso esihlanganyelo ngayo, kwadingeka ukuba nginilobele, nginikhuthaze ukuba nilulwele kanzima ukholo olwanikelwa kwabangcwele kanye.


Kepha lokho eninakho kubambisiseni ngize ngifike.


Bheka, ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabikho muntu okwamuka umqhele wakho.


Ngakho khumbula ukuthi wamukele wezwa njani, ubambelele, uphenduke. Ngakho uma ungalindi, ngizakuza kuwe njengesela, njalo kawusoze walazi ihola engizakuza ngalo phezu kwakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka