Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KuThithu 1:11 - IsiZulu 2020

11 okufanele bavalwe umlomo bathuliswe, abadunga wonke umndeni, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 abamelwe ukuthuliswa, abachitha indlu iphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 abamelwe ukuvalwa umlomo, abachitha izindlu ziphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 abamelwe ukuvalwa umlomo, abachitha izindlu ziphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KuThithu 1:11
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Olungileyo uyokubona lokho, ajabule, bonke ububi buvale imilomo yabo.


Kepha inkosi izothokoza ngoNkulunkulu, bonke abafunga Yena bayomdumisa, ngokuba imilomo yabakhuluma amanga izovalwa.


Ngakho-ke ngizonika abafazi babo abanye, ngibaphuce amasimu abo; ngokuba kusukela ezinganeni kuya kwabadala, bonke bathola inzunzo engabafanele; nabo bonke abaphrofethi nabaphristi baqamba amanga.


Nina ningihlambalazile kubantu bami, ngoba nifuna inkeshezana yebhali nezingcezwana zesinkwa. Nibulale labo obekungafanele bafe, nalondoloza labo ebebengezukuphila, lapho nikhuluma amanga kubantu bami abawalalelile.”


ukuba ukhumbule, ube namahloni, ungabe usawuvula umlomo wakho futhi, ngenxa yehlazo lakho, lapho sengikuthethelele konke okwenzileyo,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Izinhloko zalo zehlulela ngokugwazelwa, abaphristi balo bafundisa ngenxa yokukhokhelwa, nabaphrofethi babhula ngenxa yesiliva, bethembele kuSimakade, bethi: “Akekho yini phakathi kwethu uSimakade na?” Asiyukwehlelwa yinhlekele.


Usho kanje uSimakade: “Ngabaphrofethi abadukisa abantu bami, abaluma ngamazinyo abo, bamemeze bathi: ‘Ukuthula,’ kuthi lowo ongabeki lutho emlonyeni wabo bavivele ukumthelekela ngempi.


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Nani aningeni, kodwa abangenayo anibavumeli ukuba bangene.


Babengelokothe babuye bambuze utho.


Oqashiweyo engesiye umelusi, nezimvu zingesizo ezakhe, uma ebona inkentshane liza, uyazishiya izimvu, athi galo yephuka, bese inkentshane lizibhozomela, lizihlakaze,


Kepha siyazi ukuthi lokho okushiwo ngumthetho ukukhuluma kulabo abaphansi komthetho ukuze yonke imilomo ithuliswe, umhlaba wonke ubhekane necala kuNkulunkulu.


Njengokuba iqiniso likaKhristu likimi, ukuzincoma kwami anginakuphucwa khona ezifundeni e-Akhaya.


Phezu kwalokho, bafunda ukuvilapha, baphuma bengena izindlu ngezindlu; abagcini nje ngokuvilapha, kodwa bayahleba, bazigaxe kokungesikho okwabo, bakhulume okungafanele.


Kepha uma umfelokazi enabantwana noma abazukulu, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo, benze okufaneleyo kubazali babo bekhombisa ukubonga, ngokuba lokho kwamukelekile phambi kukaNkulunkulu.


ukuxabana okungapheliyo kwabantu abangqondo yabo yonakalisiwe, futhi abaphucwe iqiniso, abathi ukuzenzela inzuzo kungubuNkulunkulu.


abaphambukileyo eqinisweni, bethi ukuvuka kwabafileyo sekwedlulile, futhi bachitha ukholo lwabanye.


Ngokuba kulabo kukhona abacathama bangene ezindlini, bathumbe abesifazane abangenasimilo abanyinyithekiswa yizono, beqhutshwa yizinkanuko ezinhlobonhlobo.


Ngokuba kubalulekile ukuba umphathi abe ngongasolekiyo njengomphathimuzi kaNkulunkulu, angabi ngoziqhenyayo, oshesha ukuthukuthela, oyinkolotshe, oyisidlova, ohahela inzuzo embi.


obambelele ezwini elithembekileyo ngokwemfundiso, okwaziyo ukugqugquzela abanye ngemfundiso elungileyo nokudalula abaphikisana nayo.


Mgweme umuntu odala ukwehlukana uma usumyale kanye nomakabili,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka