Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KuThithu 1:8 - IsiZulu 2020

8 Kepha makabe ngophanayo kuzo izihambi, othanda okuhle, onengqondo, oqotho, ongcwele, ozithibayo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 kepha ophatha kahle izihambi, othanda okuhle, oqondileyo, olungileyo, ongcwele, ozithibayo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Kodwa ophatha kuhle izihambi, othanda okuhle, ozithibileyo, olungileyo, ongcwele, ozithibileyo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kodwa ophatha kuhle izihambi, othanda okuhle, ozithibileyo, olungileyo, ongcwele, ozithibileyo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KuThithu 1:8
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UHiramu, inkosi yaseThire, wathuma izinceku zakhe kuSolomoni, ngokuba wayesezwile ukuthi ugcotshiwe ukuba abe yinkosi esikhundleni sikayise. UHiramu wayengumngani kaDavide zonke izinsuku zakhe.


Kwathi uHiramu esewezwile amazwi kaSolomoni, wathokoza kakhulu, wathi: “Makadunyiswe uSimakade namuhla, ophe uDavide indodana ehlakaniphileyo ukubusa phezu kwalaba bantu abakhulu.”


Abangcwele abasemhlabeni, abahloniphekileyo, ikubo intokozo yami yonke.


Zondani okubi, nithande okuhle; niqinise ubulungiswa esangweni, hleze uSimakade uNkulunkulu Wamabandla ayihawukele insali kaJosefa.”


Kwakukhona umuntu eJerusalema, ogama lakhe kunguSimeyoni. Lo muntu wayelungile, futhi emesaba uNkulunkulu, elindele induduzo ka-Israyeli, uMoya oNgcwele wayephezu kwakhe.


Kuthe esakhuluma ngokulunga, ngokuzithiba, nangokwehlulela okuzayo, uFelikisi washaywa luvalo, wayesephendula ethi: “Okwamanje hamba, kodwa uma ngithola ithuba, ngizokubiza.”


Nina kanye noNkulunkulu ningofakazi bokuthi sahlala kanjani nani, nina enikholwayo ngobungcwele, ngobuqotho nangokungasoleki.


Ngakho-ke kufanele ukuba umphathi abe ngumuntu ongasolekiyo, indoda emfazi munye, abe ngozikhuzayo, ozithibayo, ohloniphekileyo, opha izihambi, onobuciko bokufundisa,


Makungabi bikho muntu owedelela ubusha bakho, kodwa yiba yisibonelo kwabakholwayo ngokukhuluma, ngokuziphatha, ngothando, ngokukholwa nangokuhlanzeka.


Wena muntu kaNkulunkulu, baleka kulezo zinto, kodwa phokophelela ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukukholwa, uthando, ukubekezela nobumnene.


Ngakho-ke zibalekele izinkanuko zobusha, uphokophelele ukulunga, ukukholwa, uthando, ukuthula kanye nalabo abakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlanzekileyo.


abangenalo uthando, abangavumi ukubuyisana, abahlebayo, abangenakuzithiba, abayizidlwangudlwangu, abazonda okuhle,


Zibonakalise kukho konke lokhu uyisibonelo semisebenzi emihle, ubonise ubuqotho ekufundiseni nesizotha,


Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni, sangena ekuphileni, ngokuba siyabathanda abazalwane; ongabathandiyo uhlezi ekufeni.


Yilowo nalowo okholwa wukuthi uJesu unguKhristu, uzelwe nguNkulunkulu. Lowo othanda ozelweyo uthanda nomzeleyo.


Kwathi eseqedile ukukhuluma noSawule, inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide. UJonathani wamthanda njengoba ezithanda yena.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka