KumaHeberu 7:1 - IsiZulu 2020 UMelkhizedeki lo, yinkosi yaseSalema, umphristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u-Abhrahama mhla ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba uMelkisedeki lo, inkosi yaseSalema, umpristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u-Abrahama mhla ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa; Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba uMelkisedeki lo, inkosi yaseSalema, umpristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u-Abrahama ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uMelkisedeki lo, inkosi yaseSalema, umpristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u-Abrahama ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa; |
Bakhumbula ukuthi uNkulunkulu uyidwala labo; uNkulunkulu Ophezukonke ungumkhululi wabo.
Nokho bamlinga, bamhlubuka uNkulunkulu oPhezukonke, abaze babugcina ubufakazi bakhe.
Kube kuhle kimi ukuba nginazise ngezibonakaliso nezimangaliso uNkulunkulu oPhezukonke azenzileyo kimi.
“E, nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukhadinezari uyihlo umbuso, ubukhulu, udumo, nobukhosi.
waxoshwa kubantwana babantu. Inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, wahlala nezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ubeka amthandayo phezu kwayo.
Ngiyakufika ngiphetheni nje kuSimakade, engiyakukhothama nakho kuNkulunkulu ophezulu na? Ngabe ngiyakufika kuye neminikelo yokushiswa namathole anonyaka na?
wayesememeza ngezwi elikhulu, ethi: “Ufunani kimi Wena Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke na? Ngikufungisa uNkulunkulu, ungangihluphi.”
Yalandela uPawula kanye nathi, imemeza ithi: “Laba bantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, ezimemezela kini indlela yensindiso.”
lapho uJesu eyisigijimi wasandulela wangena khona, sewaba ngumphristi omkhulu kuze kube phakade, ngokokuma kukaMelkhizedeki.
u-Abhrahama wamabela okweshumi kukho konke, yena ogama lakhe okokuqala uma lihunyushwa lisho ukuthi inkosi yokulunga, bese kuba yinkosi yaseSalema, okuchaza ukuthi inkosi yokuthula.
Kanayise, kananina, kanaluzalo, kanasiqalo sezinsuku nakuphela kokuphila, kodwa enziwe wafana neNdodana kaNkulunkulu, uyohlala engumphristi kuze kube phakade.
Kepha yena ongaveli olibeni lwabo, wemukela okweshumi ku-Abhrahama, wambusisa lowo onezithembiso.