Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 7:2 - IsiZulu 2020

2 u-Abhrahama wamabela okweshumi kukho konke, yena ogama lakhe okokuqala uma lihunyushwa lisho ukuthi inkosi yokulunga, bese kuba yinkosi yaseSalema, okuchaza ukuthi inkosi yokuthula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 u-Abrahama wamabela okweshumi kukho konke yena ogama lakhe lithi kuqala ukuhunyushwa kwalo inkosi yokulunga, bese kuba yinkosi yaseSalema, okungukuthi inkosi yokuthula,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 U-Abrahama wamnika okweshumi kwakho konke; okokuqala ngokuthi ngokuhunyushwa iNkosi yokulunga, futhi emva kwalokho futhi inkosi yaseSalema, okungukuthi, iNkosi yokuthula;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 U-Abrahama wamnika okweshumi kwakho konke; okokuqala ngokuthi ngokuhunyushwa iNkosi yokulunga, futhi emva kwalokho futhi inkosi yaseSalema, okungukuthi, iNkosi yokuthula;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 7:2
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

naleli litshe engilimisileyo laba yinsika liyakuba yindlu kaNkulunkulu, bese kuthi konke ozongipha khona ngikunikele kuwe, kube ngokweshumi.”


UNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile, iDwala lika-Israyeli lathi kimi: ‘Obusa abantu ngokulunga, abuse ngokwesaba uNkulunkulu,


UDavide wabusa wonke u-Israyeli, wenzela bonke abantu bakhe ubulungiswa nokulungileyo.


Bheka, uzozalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula. Ngiyakumnika ukuthula ezitheni zakhe nxazonke, ngokuba igama lakhe uyakuba nguSolomoni, ngiyakunika u-Israyeli ukuthula noxolo ngezinsuku zakhe.


Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabi bikho inyanga.


Konke okweshumi kwezinkomo noma okwezimvu, konke okuyakudlula ngaphansi kwenduku yomelusi kubalwa okweshumi, kuyakuba ngcwele kuSimakade.


Lokhu kuyakuba ngukuthula: kuyakuthi lapho i-Asiriya litheleka ezweni lethu, linyathela ezinqabeni zethu, simelane nalo ngabelusi abayisikhombisa nangezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili.


“Abozalo lukaLevi ngibanike okweshumi kwa-Israyeli ukuba kube yifa labo; ngomsebenzi abawenzayo ethendeni lokuhlangana.


“Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”


“Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”


ngenxa yokubekezela kukaNkulunkulu, ukuba kubonakaliswe ukulunga kwakhe esikhathini samanje, ukuze Yena abe ngolungileyo, abe ngumlungisisi walowo okholwa nguJesu.


UMelkhizedeki lo, yinkosi yaseSalema, umphristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u-Abhrahama mhla ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa;


Kanayise, kananina, kanaluzalo, kanasiqalo sezinsuku nakuphela kokuphila, kodwa enziwe wafana neNdodana kaNkulunkulu, uyohlala engumphristi kuze kube phakade.


Iyakuthatha okweshumi kwembewu yenu nokwesivini senu, ikunike izinduna zayo nezinceku zayo.


Iyakuthatha okweshumi kwezimvu zenu, nina nibe yizinceku zayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka