Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.
IzEnzo 2:41 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke abalamukelayo izwi lakhe babhabhadiswa, kwanezelelwa ngalolo suku abantu okungathi bayizi-3 000. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho abalamukeleyo izwi lakhe babhapathizwa, kwenezelwa ngalowo muhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu. Baasraak Zulu New Testament Bible Khona abalamukele izwi lakhe ngokuthokoza babhapathizwa, kwenezelwa ngalona lolosuku abantu abangaba yizinkulungwane ezintathu. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona abalamukele izwi lakhe ngokuthokoza babhapathizwa, kwenezelwa ngalona lolosuku abantu abangaba yizinkulungwane ezintathu. |
Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina, naye uyakuyenza; uyakwenza nemikhulu kunale, ngokuba Mina ngiya kuBaba.
USimoni Phethro wasuka, walihudulela emhlabathini inetha. Laligcwele izinhlanzi ezinkulu eziyi-153. Nakuba izinhlanzi zaziziningi kangako, nokho inetha alidabukanga.
Kwathi ngaleyo mihla, uPhethro wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasibuthene lapho kwakungathi yi-120, wathi:
Bekuzwa lokho abezizwe bathokoza, balidumisa izwi leNkosi, bakholwa bonke labo ababemiselwe ukuphila okuphakade.
Sebekuzwile lokho, bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPhethro nakwabanye abaphostoli: “Madoda, bazalwane, sizokwenzenjani na?”
bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla labo abasindiswayo.
UJosefa wathumela, walanda uyise uJakobe nabo bonke abakubo, abantu abangama-75.
Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso. Ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu. Lawa akhona amiswe nguNkulunkulu.
Nani naba ngabalingisa thina neNkosi, ngokuba nanxa nahlushwa kanzima, kodwa nalemukela izwi ngenjabulo evela kuMoya oNgcwele,
kulabo abangalalelanga lapho uNkulunkulu ebalindele ngokubekezela emihleni kaNowa, umkhumbi usakhiwa, okwasindiswa abayingcosana, abayisishiyagalombili ababekuwo, ngawo amanzi.
Eyesibili yathululela isitsha sayo olwandle, lwase luphenduka igazi elinjengelofileyo, kwafa konke okuphilayo olwandle.