Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 1:15 - IsiZulu 2020

15 Kwathi ngaleyo mihla, uPhethro wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasibuthene lapho kwakungathi yi-120, wathi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngaleyo mihla uPetru wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasikhona ndawonye kwakungathi ikhulu namashumi amabili, wathi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Ngalezo zinsuku uPetru wasukuma phakathi kwabafundi, (isibalo samagama ndawonye sasingaba yikhulu namashumi amabili).

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngalezo zinsuku uPetru wasukuma phakathi kwabafundi, (isibalo samagama ndawonye sasingaba yikhulu namashumi amabili).

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 1:15
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabuye wabatshela omunye umzekeliso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nohlamvu lwesinaphi aluthatha umuntu waluhlwanyela ensimini yakhe;


Kepha Mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli. Wena-ke, uma usuphendukile, uqinise abafowenu.”


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina, naye uyakuyenza; uyakwenza nemikhulu kunale, ngokuba Mina ngiya kuBaba.


Lokho okwashiwo nguJesu kwasabalala kubazalwane, baze bacabanga ukuthi lowo mfundi akayukufa. Empeleni uJesu akashongo ukuthi akayukufa, kodwa wathi: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngibuye, wena uhlushwe yini ngalokho na?”


USimoni wayesewabiza, wawangenisa endlini yakhe. Ngakusasa wasuka wahamba nawo, ephelezelwa ngabazalwane abathile baseJopha.


Abaphostoli nabazalwane baseJudiya bezwa ukuthi nabezizwe balemukele izwi likaNkulunkulu.


UMoya wayesethi kimi angihambe nawo ngingangabazi ngalutho. Bangiphelezela laba bazalwane abayisithupha, saze sayongena endlini yaleyo ndoda.


Kwathi ukuba amfumane, wamyisa e-Antiyokhiya. Kwenzeka ukuba bahlanganyele ebandleni isikhathi esiwunyaka, befundisa abantu abaningi. Kwaqala-ke e-Antiyokhiya ukuba abafundi kuthiwe ngamaKhristu.


Abafundi bazimisela ukuba kube yilowo nalowo ngangamandla akhe, bathumele okokusiza abazalwane eJudiya.


Esebathulisile ngesandla, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani ejele, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane ngalokho.” Waphuma, waya kwenye indawo.


Kepha abaJuda abangakholwanga, bavukuza bazithukuthelisa bazenza zaba zimbi izinhliziyo zabezizwe ngabazalwane.


Kwehla abathile bevela eJudiya, bafundisa abazalwane ukuthi: “Uma ningasokwa ngomthetho kaMose, ningesindiswe.”


Ngakho-ke ibandla labathuma, badabula eFenike naseSamariya. Balandisa abazalwane ngokuphenduka kwabezizwe, baletha intokozo enkulu kubazalwane.


owayenconywa ngabazalwane baseListra nabase-Ikhoniyu.


Sebephumile ejele, bangena kwaLidiya, kwathi sebebabonile abazalwane, babakhuthaza, base behamba.


Ngokushesha ngalobo busuku, abazalwane babaphelezela oPawula noSila ukuba baye eBhiriya. Kuthe sebefikile khona, bangena esinagogeni labaJuda.


Masinyane, abazalwane bamhambisa uPawula waze wayofika olwandle, kepha uSila noThimothewu basala lapho.


Kepha kuthe lapho bengabatholi base behudula uJasoni nabazalwane abathile, babayisa kumphathimuzi, bememeza bethi: “Laba abanyakazisa izwe lonke sebefikile nalapha,


Kuthe uPawula esehlale lapho izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wahamba ngomkhumbi, waya eSiriya noPhrisila no-Akhwila; eseligundile ikhanda lakhe eKhenikhreya, ngokuba wayezibophezele ngesifungo.


Kuthe esefuna ukwedlulela e-Akhaya esekhuthaziwe, abazalwane base belobela abafundi ukuba bamamukele. Esefikile lapho, wabasiza kakhulu labo abakholwayo ngomusa,


Sesifikile eJerusalema, abazalwane basemukela ngokujabula.


Sebekuzwile lokho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye: “Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangakanani izinkulungwane zalabo asebekholwa, ezikhona phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho!


Thina sesiluqedile uhambo sisuka eThire, safika ePhetholemayi, sesibabingelele abazalwane, sahlala nabo usuku.


njengoba nomphristi omkhulu ufakaza ngami, namalunga wonke. Yibona engemukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane, ngangiya eDamaseku ukuba abakhona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.


Safumana khona abazalwane, basimema ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; emveni kwalokho safika eRoma.


Emveni kwalokho, wabonwa ngabazalwane abangaphezu kwama-500 ngasikhathi sinye, iningi labo elisaphila namanje, kodwa abanye sebalala.


Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwathi okweshumi komuzi kwawa, kwafa ekuzamazameni komhlaba abantu abayizi-7 000, kwathi abasalayo bashaywa wuvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.


“ ‘Nokho kusekhona abantu abambalwa eSardesi abangazingcolisanga izingubo zabo. Bayakuhamba nami bembethe ezimhlophe, ngokuba bafanele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka