Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 7:14 - IsiZulu 2020

14 UJosefa wathumela, walanda uyise uJakobe nabo bonke abakubo, abantu abangama-75.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UJosefa wayesethumela wabiza uJakobe uyise nabakubo bonke, abantu abangamashumi ayisikhombisa nanhlanu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 UJosefa wayesethuma wabiza uJakobe uyise, nezihlobo zakhe zonke, abantu abangamashumi ayisikhombisa nanhlanu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 UJosefa wayesethuma wabiza uJakobe uyise, nezihlobo zakhe zonke, abantu abangamashumi ayisikhombisa nanhlanu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 7:14
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nimbikele ubaba ngakho konke ukuhlonipheka kwami eGibhithe, nangakho konke enikubonileyo, bese nisheshe nimehlisa eze lapha.”


Amadodana kaJuda kungu-Eri, u-Onani, uShela, uPherezi, noZera. Kuwona u-Eri, no-Onani bafela eKhanani. Amadodana kaPherezi: kwakunguHezironi noHamuli.


U-Israyeli wayesefika eGibhithe, uJakobe wagogobala ezweni likaHamu.


Sebebonke abaphuma okhalo lukaJakobe babengabantu abangama-70. UJosefa wayevele eseseGibhithe.


Ngakho-ke abalamukelayo izwi lakhe babhabhadiswa, kwanezelelwa ngalolo suku abantu okungathi bayizi-3 000.


Okhokho bakho babengama-70 ngesikhathi behlela eGibhithe; manje uSimakade uNkulunkulu wakho ukwenzile waba lukhumbintethe ngangezinkanyezi zezulu.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka