Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina, naye uyakuyenza; uyakwenza nemikhulu kunale, ngokuba Mina ngiya kuBaba.
IzEnzo 19:11 - IsiZulu 2020 UNkulunkulu wenza imisebenzi yamandla engavamile ngezandla zikaPawula, IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu wenza imisebenzi yamandla engavamile ngezandla zikaPawulu, Baasraak Zulu New Testament Bible UNkulunkulu wenza imisebenzi yamandla emangalisayo ngezandla zikaPawuli. Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wenza imisebenzi yamandla emangalisayo ngezandla zikaPawuli. |
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina, naye uyakuyenza; uyakwenza nemikhulu kunale, ngokuba Mina ngiya kuBaba.
Nokho-ke, bahlala isikhathi eside, befundisa ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, ngokubanika ukuba benze izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo.
Isixuku sonke sathula; salalela uBharnabha noPawula belanda ngezibonakaliso nangezimangaliso uNkulunkulu ayezenze ngabo kwabezizwe.
Yakwenza lokhu izinsuku eziningi, kodwa uPawula esecasukile waphenduka, wathi kumoya: “Ngiyakuyala egameni likaJesu uKhristu ukuba uphume kuyo.” Waphuma ngaso leso sikhathi.
Kwenziwa izimangaliso nezibonakaliso eziningi kubantu, ngezandla zabaphostoli. Bonke babenhliziyonye besemphemeni kaSolomoni.
USimoni naye wakholwa; esebhabhadisiwe wamlandela uFiliphu, emangaliswa izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyayenzeka.
Ngabe oninika uMoya aveze imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza lokho ngenxa yemisebenzi yomthetho noma ngokuzwa izwi lokukholwa na?
UNkulunkulu efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngemisebenzi yamandla enhlobonhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe.