Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 19:10 - IsiZulu 2020

10 Lokho kwenzeka iminyaka emibili, kwaze kwathi bonke abakhile e-Asiya balizwa izwi leNkosi, abaJuda namaGriki.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Lokho kwenzeka iminyaka emibili, baze balizwa izwi leNkosi bonke abakhileyo e-Asiya, abaJuda namaGreki.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Lokho kwenzeka iminyaka emibili; kangangokuthi bonke abakhileyo e-Asiya balizwa izwi leNkosi, amaJuda namaGreki.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Lokho kwenzeka iminyaka emibili; kangangokuthi bonke abakhileyo e-Asiya balizwa izwi leNkosi, amaJuda namaGreki.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 19:10
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ukuba umbusi abone okwenzekile, wakholwa, emangaliswa nayimfundiso yeNkosi.


Badabula eFrigiya naseGalathiya, kodwa uMoya oNgcwele wabanqabela ukukhuluma izwi e-Asiya.


Wahlala lapho unyaka nezinyanga eziyisithupha, efundisa izwi likaNkulunkulu phakathi kwabo.


Wayeqagulisana nabo njalo ngeSabatha esinagogeni, wazuza abaJuda namaGriki.


Kanjalo izwi landa ngamandla eNkosi, lasabalala, laba namandla.


Wayesethumela eMakhedoniya ababili abamsizayo, uThimothewu no-Erastu; yena uqobo wahlala isikhathi e-Asiya.


Wayesengena esinagogeni, wakhuluma ngesibindi izinyanga ezintathu, ephikisana nabo futhi ebanxenxa ngombuso kaNkulunkulu.


AmaPharthe, amaMede, ama-Elamithi, abantu abakhe eMesophothamiya, eJudiya, eKhaphadosiya, ePhontu, e-Asiya,


Kuthe esefikile kuye, wathi kuwo: “Niyazi ukuthi kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo e-Asiya ngaziphatha kanjani isikhathi sonke nginani.


Ngakho qaphelani, nikhumbule ukuthi iminyaka emithathu, ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka nonke ngamunye ngezinyembezi.


Kepha kwasuka abanye besinagoge elibizwa ngokuthi elabaLibherithino, nabaseKhurene, abase-Aleksandriya nababevela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefani.


Ngokuba anginamahloni ngevangeli, ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGriki;


Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGriki, lokhu Yena uyiNkosi yabo bonke, futhi ubacebele bonke abakhuleka kuye,


Kepha ngithi: abezwanga yini na? Impela bezwa kahle: “Izwi labo liphumele emhlabeni wonke, namazwi abo emikhawulweni yomhlaba.”


Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu.


lapho kungekho mGriki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kodwa uKhristu uyikho konke, kubo bonke.


Uyazi ukuthi bonke abase-Asiya bangihlamukile, kubo kukhona uFilegu noHermogene.


UPhethro, umphostoli kaJesu Khristu, kwabakhethiweyo abayizihambi, abahlakazekele ePhontu, eGalathiya, eKhaphadosiya, e-Asiya naseBhithiniya,


lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumelele emabandleni ayisikhombisa: e-Efesu, eSimirna, ePhergamu, eThiyathira, eSardesi, eFiladelfiya naseLawodikheya.”


UJohane, kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: makube kinina umusa nokuthula okuvela kuye okhona, nowayekhona nozayo, nakoMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka