IsiLilo 1:4 - IsiZulu 2020 Imigwaqo yaseZiyoni iyalila, akusekho muntu osaya emikhosini emisiweyo; onke amasango akhona aseyincithakalo, abaphristi bakhona bayabubula, izintombi zakhona ziyahlupheka; nalo linomunyu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izindlela zaseSiyoni ziyalila ngokuba kungeziwa emikhosini emisiweyo; onke amasango achithekile, abapristi balo bayabubula; izintombi zalo ziyahlupheka, nalo linomunyu. Contemporary Zulu Bible 2024 Izindlela zaseSiyoni ziyalila, ngokuba akukho muntu oza edilini; onke amasango awo ayincithakalo; abapristi balo bayabubula, izintombi zalo zilusizi, nalo linomunyu. |
Izwi lombiko liyasondela, nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni enyakatho, ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, indawo ehlala amakhanka.
“UJuda uyalila, amasango akhe awile, balilela izwe; ukukhala kweJerusalema kwenyukele phezulu.
“Ngizakulenza iJerusalema libe yindunduma yamatshe, nendawo yamakhanka; imizi yakwaJuda ngiyenze ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.”
“Bangizwile ngibubula, kepha akekho ongiduduzile. Zonke izitha zami zizwile ngosizi lwami, zajabula ukuthi nguwe ongenze nje. Lwenze lufike lolo suku owamemezela ngalo, zenze nazo zifane nami.
Izinsizwa zithwaliswa amatshe okusila. Abafana babhamazeliswa yimithwalo yezinkuni.
Ngiyakumjezisela izinsuku zoBhali lezo ayebashisela ngazo impepho, ezihlobisa ngezindandatho zakhe nangobucwebecwebe bakhe, elandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa Mina,” kusho uSimakade.
Ngiyothumela izilwane zasendle phakathi kwenu, ziyakubulala abantwana benu, zibhubhise imfuyo yenu, zinicoboshise, zibhubhise nezindlela zenu.
Ngakho-ke ngenxa yenu iZiyoni liyakulinywa libe yinsimu, neJerusalema libe yindunduma yencithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.