Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 1:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Izindlela zaseSiyoni ziyalila ngokuba kungeziwa emikhosini emisiweyo; onke amasango achithekile, abapristi balo bayabubula; izintombi zalo ziyahlupheka, nalo linomunyu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Imigwaqo yaseZiyoni iyalila, akusekho muntu osaya emikhosini emisiweyo; onke amasango akhona aseyincithakalo, abaphristi bakhona bayabubula, izintombi zakhona ziyahlupheka; nalo linomunyu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Izindlela zaseSiyoni ziyalila, ngokuba akukho muntu oza edilini; onke amasango awo ayincithakalo; abapristi balo bayabubula, izintombi zalo zilusizi, nalo linomunyu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 1:4
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amasango alo ayakukhala, alile; liyakuba yize, lihlale emhlabathini.


Bheka, kusondela izwi lombiko, nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni lasenyakatho, ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, indawo yokuhlala kwamakhanka.


“UJuda uyalila, amasango akhe adangele, ahlezi emhlabathini edabukile, nokukhala kweJerusalema kwenyukile.


“Ngiyakulenza iJerusalema libe yizinqwaba nekhaya lamakhanka, ngenze imizi yakwaJuda incithakalo, lapho kungahlali muntu khona.”


“Bezwile ukuthi ngiyabubula, kepha anginamduduzi. Zonke izitha zami zizwile ukuhlupheka kwami; ziyathokoza ukuthi nguwe okwenzileyo. Ululethile usuku olumemezileyo, kepha ziyakuba njengami.


Izinsizwa zathwala amatshe okugaya, abantwana bakhubeka phansi kwezinkuni.


Abadala baphelile esangweni, nezinsizwa ekuhlabeleleni kwazo.


Ngiyakumhambela ngenxa yezinsuku zawoBali owabashisela ngazo impepho, wahloba ngamacici akhe nangezinto zakhe ezinhle, wazilandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa, usho uJehova.


Ngiyakuthuma phakathi kwenu izilo zasendle eziyakunaphuca abantwana benu, zibulale izinkomo zenu, zininciphise, izindlela zenu zibe yihlane.


Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka