Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 1:5 - IsiZulu 2020

5 Abamelene nalo sebephenduke banjengamakhosi, izitha zalo zinokuthula. USimakade ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo. Izingane zalo sezihambile, zisekuthunjweni, ebusweni besitha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Abamelene nalo sebe yinhloko, izitha zalo zinokuthula, ngokuba uJehova ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo; izingane zalo ziye ekuthunjweni ebusweni bezitha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Izitha zalo zinkulu, izitha zalo zinothile; ngokuba uJehova walicindezela ngenxa yobuningi beziphambeko zalo; abantwana bakhe bathunjwa phambi kwesitha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 1:5
38 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ngokuba yenze okubi emehlweni ami, iluchukuluzile ulaka lwami kusukela ngosuku okhokho bayo abaphuma ngalo eGibhithe, kuze kube namuhla.’ ”


Usenze into omakhelwane bethu ababangisana ngayo, izitha zethu zisihleka usulu.


Uphakamise esokunene sezitha zakhe, wajabulisa zonke izitha zakhe.


Ngokuba wusuku lweNkosi uSimakade Wamabandla, usuku lokukhathazeka nokucindezelwa, lokudideka eSigodini Sombono; usuku lokudilizwa kwezingange nolokukhalela ukusizwa ezintabeni.


Abantu bakho abangcwele balidla ifa okwesikhashana; izitha zethu ziyigxobagxobile indawo yakho engcwele.


Ithende lami libhidliziwe, izintambo zalo zonke zigqatshuliwe; abantwana bami bangishiyile, abasekho, akasekho ongangigxumekela ithende lami futhi, nongigaxela amakhethini ami.


“Ngiyishiyile indlu yami, ngalilahla ifa lami, nginikele ngothandiweyo womphefumulo wami, esandleni sezitha zakhe.


Ngibone into embi kubaphrofethi baseJerusalema; bayaphinga, bahamba ngobuqili, bakhuthaza abenza okubi ukuze kungaphenduki muntu ebubini bakhe; bonke banjengeSodoma kimi, nezakhamuzi zakhona zinjengeGomora.”


Insali yabantu ababesemzini, namambuka ayehlubukele kuye, nalabo bantu ababesele kuNebuzaradani, induna yabalindi, wabathumbela eBhabhele.


Angiyukubajezisa yini ngalokhu na?” kusho uSimakade. “Umphefumulo wami awuyukusijezisa yini isizwe esinjengalesi na?


“Ngenxa yalokho ngiyakhala, ngikhihla isililo, ngokuba akukho mduduzi eduze nami obezohlumelela umoya wami. Abantwana bami bayincithakalo, ngoba isitha singehlulile.”


“USimakade ungijezise ngokufanele, ngokuba angililalelanga izwi lakhe. Lalelani bantu, bukani nibone ubuhlungu bami. Izintombi nezinsizwa zami zihambile, zisekuthunjiweni.


IJerusalema lone kakhulu, ngakho-ke seliyisinengiso; bonke abebelihlonipha sebeyaledelela, ngokuba bebone ubunqunu balo; nalo seliyabubula, liphenduka libafulathela.


USimakade wenze abekusophile, ufeze izwi lakhe ayelishilo kwasemandulo; ubhidlizile ngokungenaluzwelo, isitha wasenza sathokoza phezu kwethu, waphakamisa uphondo lwezitha zethu.


“Zonke izitha zethu ziyasiklolodela.


“Nami-ke, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukubanaso isisa kubo, kodwa ngiyakwehlisela lokho abakwenzileyo phezu kwamakhanda abo.”


Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu ngokwedlulele, izwe ligcwele igazi, nasemzini kudlange ukonakala, ngokuba bathi: ‘USimakade ulishiyile leli lizwe futhi akaboni.’


Ngiyazi ukuthi uma sengifile niyokona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo. Ngezinsuku ezizayo niyokwehlelwa ngububi, ngokuba niyokwenza okubi emehlweni kaSimakade, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka