Selishonile ilanga, sekumnyama, kwabonakala imbawula eshunqayo nesihlonti sikhephuka ilangabi kudabula phakathi kwezinhlangothi zenyama.
IsAmbulo 9:2 - IsiZulu 2020 Yavula umgodi wakwalasha; kwaphuma isikhatha sentuthu kungathi intuthu iphuma eziko elikhulu, kwafiphazwa ilanga nomkhathi ngentuthu eyayiphuma emgodini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yayisivula umgodi wakwalasha; kwenyuka umusi emgodini njengomusi weziko elikhulu, kwafiphazwa ilanga nomkhathi ngomusi womgodi. Baasraak Zulu New Testament Bible Yasivula umgodi wakwalasha; kwenyuka umusi emgodini njengomusi wesithando somlilo esikhulu; ilanga nomkhathi kwaba mnyama ngomusi womgodi. Contemporary Zulu Bible 2024 Yasivula umgodi wakwalasha; kwenyuka umusi emgodini njengomusi wesithando somlilo esikhulu; ilanga nomkhathi kwaba mnyama ngomusi womgodi. |
Selishonile ilanga, sekumnyama, kwabonakala imbawula eshunqayo nesihlonti sikhephuka ilangabi kudabula phakathi kwezinhlangothi zenyama.
Kwathi lapho ethi uphonsa amehlo ezansi eSodoma naseGomora ebuka lonke izwe lamathafa, wabona isikhatha sentuthu senyuka sifana nentuthu yesithando somlilo.
Yonke intaba iSinayi yayithunqa intuthu, ngokuba uSimakade wayehlele kuyo ngomlilo, intuthu yayo yenyuka njengentuthu yesithando somlilo; intaba yonke yazamaza kakhulu.
Lila wena sango, udazuluke wena muzi; phela amandla wena Filistiya lonke! Ngokuba kuvela intuthu enyakatho; akekho oyokwehlukana nebutho lakhe.
Ongayukuwa phansi, akhuleke, uyakuphonswa ngaso leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.”
Umhlaba uyazamazama phambi kwabo, isibhakabhaka sithuthumele phambi kwabo. Ilanga nenyanga kuyakubamnyama bhuqe, nezinkanyezi zigodle ukukhanya kwazo.
Usuku lobumnyama nesigayegaye, usuku lwamafu nobumnyama obukhulu, njengentathakusa yendlaleka ezintabeni, kunjalo nokuza kwezinkumbi zabantu abanamandla abangakaze babekhona kwasemandulo, nabangasoze babakhona abanjalo emva kwabo kuze kube yiminyaka yezizukulwane ngezizukulwane.
Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi, umlilo nezikhatha zentuthu.
Ngiyoveza izimangaliso esibhakabhakeni phezulu, nezibonakaliso emhlabeni phansi; igazi nomlilo nesikhatha sentuthu.
Intuthu yokuhlushwa kwabo iyenyuka kuze kube phakade naphakade. Abasenakuphumula imini nobusuku labo abakhonza isilo nesithombe saso, nakulabo abemukele uphawu lwegama laso.”
Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo: umbuso waso waba mnyama, babeziluma izilimu zabo ngenxa yobuhlungu.
Ingelosi yesine yayisibetha icilongo; kwashaya ingxenye yokwesithathu kwelanga, okwesithathu kwenyanga, okwesithathu kwezinkanyezi, ukuze okwesithathu kokukhanya kwakho kube mnyama nokwesithathu kwemini kungakhanyi, kanjalo nobusuku.
Ingelosi yesihlanu yayisibetha icilongo; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini, iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo somgodi wakwalasha.
Sinenkosi esibusayo, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHebheru kungu-Abhadoni, kodwa ngesiGriki ingu-Apholiyoni.
Khona manjalo ngabona embonweni amahhashi nabawagibele befake izivikelo zezifuba, zibomvu njengomlilo nezehiyakinte nezesibabule. Amakhanda amahhashi ayenjengamakhanda amabhubesi, ekhafula umlilo emilonyeni yawo, umusi nesibabule.