Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 9:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yasivula umgodi wakwalasha; kwenyuka umusi emgodini njengomusi wesithando somlilo esikhulu; ilanga nomkhathi kwaba mnyama ngomusi womgodi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Yayisivula umgodi wakwalasha; kwenyuka umusi emgodini njengomusi weziko elikhulu, kwafiphazwa ilanga nomkhathi ngomusi womgodi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Yavula umgodi wakwalasha; kwaphuma isikhatha sentuthu kungathi intuthu iphuma eziko elikhulu, kwafiphazwa ilanga nomkhathi ngentuthu eyayiphuma emgodini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Yasivula umgodi wakwalasha; kwenyuka umusi emgodini njengomusi wesithando somlilo esikhulu; ilanga nomkhathi kwaba mnyama ngomusi womgodi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 9:2
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Futhi kwenzeka ukuthi, lapho ilanga selishonile futhi kuba mnyama, kwakukhona isithando somlilo esivuthayo nesibani esivuthayo sidlula phakathi kwalezo zicucu.


Wabheka ngaseSodoma naseGomora nasezweni lonke lethafa, bheka, umusi wezwe wenyuka njengomusi wesithando.


Intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo esemlilweni; umusi walo wenyuka njengomusi wesithando, nentaba yonke yazamazama kakhulu.


Hewula wena sango! biza, muzi! wena, lonke iPhalestine, ubhubhile, ngoba kuyovela umusi uvela enyakatho, futhi akekho oyoba yedwa ngezikhathi zakhe ezimisiwe.


Futhi wonke umuntu ongawi phansi akhuleke uyophonswa phakathi kwesithando somlilo ovuthayo ngaso leso sikhathi.


Umhlaba uyazamazama phambi kwabo; izulu liyakuthuthumela, ilanga nenyanga kube mnyama, nezinkanyezi zisuse ukukhanya kwazo.


usuku lobumnyama nolobumnyama, usuku lwamafu nesigayegaye, njengokusa kwekweba phezu kwezintaba, abantu abakhulu nabanamandla; akukaze kube khona into enjalo, futhi ayisayikuba khona kuze kube yiminyaka yezizukulwane eziningi.


Ngiyakwenza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi nomlilo nezinsika zomusi.


Ngiyakwenza izimangaliso ezulwini phezulu, nezibonakaliso emhlabeni phansi; igazi, nomlilo, nentuthu yomusi;


Umusi wokuhlushwa kwabo ukhuphuka kuze kube phakade naphakade; abanakuphumula imini nobusuku abakhuleka kuso isilo nomfanekiso waso, nalowo owamukela uphawu lwegama laso.


Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo; nombuso wakhe waba mnyama; baluma ulimi lwabo ngenxa yobuhlungu.


Ingelosi yesine yayisibetha, kwase kushaywa ingxenye yesithathu yelanga, nengxenye yesithathu yenyanga, nengxenye yesithathu yezinkanyezi; njengokuba ingxenye yesithathu yazo yaba mnyama, nengxenye yesithathu yemini ayikhanyi, nobusuku ngokunjalo.


Ingelosi yesihlanu yayisibetha; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini, iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo sakwalasha.


Zazinenkosi phezu kwazo, ingelosi yakwalasha, egama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi uApoliyoni.


Ngabona kanjalo embonweni amahhashi nabahlezi phezu kwawo benezivikelo zesifuba zomlilo, nezehiyakinte, nezesibabule, namakhanda amahhashi ayenjengamakhanda ezingonyama; emilonyeni yazo kwakuphuma umlilo, nomusi, nesibabule.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka