Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 19:18 - IsiZulu 2020

18 Yonke intaba iSinayi yayithunqa intuthu, ngokuba uSimakade wayehlele kuyo ngomlilo, intuthu yayo yenyuka njengentuthu yesithando somlilo; intaba yonke yazamaza kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Yonke intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo ngomlilo; umusi wayo wenyuka njengomusi wesithando; intaba yonke yazamazama kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo esemlilweni; umusi walo wenyuka njengomusi wesithando, nentaba yonke yazamazama kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 19:18
41 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wehla ukuzobona umuzi nombhoshongo owawakhiwe ngabantu.


Selishonile ilanga, sekumnyama, kwabonakala imbawula eshunqayo nesihlonti sikhephuka ilangabi kudabula phakathi kwezinhlangothi zenyama.


Kwathi lapho ethi uphonsa amehlo ezansi eSodoma naseGomora ebuka lonke izwe lamathafa, wabona isikhatha sentuthu senyuka sifana nentuthu yesithando somlilo.


“Wehlela entabeni iSinayi, wakhuluma nabo usezulwini. Wabanika izehlulelo ezilungileyo, imithetho eliqiniso, izimiso nemiyalelo emihle.


Yena obheka umhlaba, maqede uthuthumele, athinte izintaba, zithunqe.


Izintaba zatshekula njengezinqama, amagquma, njengamawundlu.


Thuthumela, mhlaba, phambi kweNkosi, phambi kukaNkulunkulu kaJakobe.


Thobisa amazulu akho, Simakade, wehle, thinta izintaba, zithunqe.


Uqhekeza isibhakabhaka bese ehla emi ngezinyawo zakhe, phezu kwesigayegaye sobumnyama.


Wanisa imvula enkulu, Nkulunkulu; ifa lakho selehlulekile, waliqinisa.


Izwi lokuduma kwakho lisesiphephweni, imibani yakhanyisa izwe, umhlaba wandindizela, wazamazama.


Indlela yakho yayisolwandle, imendo yakho isemanzini amaningi, kodwa amanyathelo akho awabonakalanga.


Mabangathintwa ngesandla, kodwa mabakhandwe ngamatshe, noma bacitshwe ngemicibisholo, noma ngabe yisilwane, noma ngumuntu akuyukuphila.’ Lapho icilongo likhala isikhathi eside, bayokhuphukela entabeni.”


UMose wabahola abantu enkanjini ukuba bayohlangana noNkulunkulu, bama ekuqaleni kwentaba.


Lapho bonke abantu bezwa ukuduma kwezulu, nombani, nokukhala kwecilongo, bebona nentaba ithunqa, bathuthumela, bamela kude.


Ukubonakala kwenkazimulo kaSimakade kubantu bakwa-Israyeli kwakufana nomlilo oqothulayo esiqongweni sentaba.


Ingelosi kaSimakade yabonakala kuye elangabini lomlilo phakathi kwesihlahla. Wabona ukuthi isihlahla siyavutha, kodwa asipheli.


Zilungiselele ukuba ekuseni kusasa ukhuphukele entabeni iSinayi, uzibonakalise khona phambi kwami esiqongweni sentaba.


Izinsika zomnyango zathuthumeliswa yizwi lomemezayo, indlu yagcwala intuthu.


Sengathi ungadabula amazulu, wehle, kuzamazame izintaba phambi kwakho,


Ngabuka izintaba, bheka, zazamazama, namagquma wonke anyakaza.


Uyama, azamazamise umhlaba; uyabuka, athuthumelise izizwe; izintaba zakudala ziyabhidlizwa, namagquma asemandulo ayakhothama, yizindlela zakhe zaphakade.


Niyobalekela emhosheni wezintaba zami, ngokuba umhosha wezintaba uyofinyelela e-Azali. Niyobaleka njengoba nanibalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika-Uziya inkosi yakwaJuda. USimakade uNkulunkulu wami uyakufika nabo bonke abangcwele kanye nawe.


Isizwe siyakuvukela esinye, nombuso uvukele omunye; kuyakuba khona indlala, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.


wathi: “USimakade weza evela eSinayi, wabakhanyisela evela eSeyiri, wakhazimula entabeni iPharanu. Weza nezigidi zabangcwele; ebaphathele umthetho ovuthayo esandleni sakhe sokunene.


Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wawezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo.


“Yilawo amazwi uSimakade awakhuluma enhlanganweni yenu yonke entabeni, ephakathi komlilo, nefu, nesigayegaye sobumnyama, nangezwi elikhulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika zona.


USimakade wakhuluma nani ubuso nobuso entabeni, esemlilweni.


bese nina enihluphekayo aniphe ukuphumula kanye nathi ekwambuleni kweNkosi uJesu, ivela ezulwini, inezingelosi zamandla ayo,


iselangabini lomlilo, ukuba ijezise labo abangamaziyo uNkulunkulu nabangalilaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu.


Ngokuba anizanga entabeni ethintekayo nevutha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini,


Ozwi lakhe lanyakazisa umhlaba ngaleso sikhathi, kodwa manje wethembisile, wathi: “Ngisazophinda ngizamazamise, hhayi umhlaba kuphela, kodwa nezulu ngokunjalo.”


Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela lapho amazulu eyakushabalala ngokushesha okukhulu; kuyakusha konke emlilweni, kubhujiswe; nomhlaba nayo yonke imisebenzi yawo, kungabe kusaba bikho.


Ithempeli lagcwala intuthu ivela enkazimulweni kaNkulunkulu nasemandleni akhe. Akekho owayengangena ethempelini zingakapheleli izinhlupheko eziyisikhombisa zezingelosi eziyisikhombisa.


Yavula umgodi wakwalasha; kwaphuma isikhatha sentuthu kungathi intuthu iphuma eziko elikhulu, kwafiphazwa ilanga nomkhathi ngentuthu eyayiphuma emgodini.


Izintaba zathuthumela phambi kukaSimakade waseSinayi, phambi kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka