IsAmbulo 8 - IsiZulu 2020Ukuvulwa Kophawu Lwesikhombisa 1 Kuthe lapho livula uphawu lwesikhombisa, kwathi cwaka ezulwini cishe ingxenye yehora. 2 Ngase ngibona izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu, zanikwa amacilongo ayisikhombisa. 3 Enye ingelosi yeza, yema ngase-althare, iphethe isithunqiso segolide, yanikwa impepho eningi ukuba iyenezelele emikhulekweni yabangcwele bonke, phezu kwe-althare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi. 4 Intuthu yempepho kanye nemikhuleko yabangcwele kwenyukela phambi kukaNkulunkulu, kusuka esandleni sengelosi. 5 Ingelosi yathabatha isithunqiso, yasigcwalisa ngamalahle omlilo wase-althare avuthayo, yasiphonsa emhlabeni, kwase kuba khona ukuduma, umsindo, imibani, nokuzamazama komhlaba. Izingelosi Eziyisikhombisa Namacilongo Ayisikhombisa 6 Izingelosi eziyisikhombisa ezaziphethe amacilongo ayisikhombisa; zazilungiselela ukuwabetha. Ingelosi Yokuqala Ibetha Icilongo 7 Eyokuqala yalibetha icilongo; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshwe negazi, kwaphonswa emhlabeni. Kwathi okwesithathu komhlaba kwasha kwangqongqa, okwesithathu kwezihlahla nakho kwasha kwaphela, nabo bonke utshani obuluhlaza, basha baba ngumlotha. Ingelosi Yesibili Ibetha Icilongo 8 Ingelosi yesibili yabetha icilongo; kwaba sengathi intaba enkulu ivutha umlilo, yaphonswa olwandle. Okwesithathu kolwandle kwaphenduka igazi, 9 kwafa okwesithathu kokudaliweyo okuphilayo okwakusolwandle, nokwesithathu kwemikhumbi kwabhujiswa. Ingelosi Yesithathu Ibetha Icilongo 10 Ingelosi yesithathu yabetha icilongo; kwase kuwa ezulwini inkanyezi enkulu ivutha njengesibani, yawela phezu kokwesithathu kwemifula naphezu kwemithombo yamanzi. 11 Igama lenkanyezi kuthiwa uMhlonyane. Okwesithathu kwamanzi kwaba ngumhlonyane, kwafa abantu abaningi ngenxa yamanzi, ngokuba ayenziwe ababa. Ingelosi Yesine Ibetha Icilongo 12 Ingelosi yesine yayisibetha icilongo; kwashaya ingxenye yokwesithathu kwelanga, okwesithathu kwenyanga, okwesithathu kwezinkanyezi, ukuze okwesithathu kokukhanya kwakho kube mnyama nokwesithathu kwemini kungakhanyi, kanjalo nobusuku. 13 Ngase ngibona, futhi ngezwa ukhozi lundiza emkhathini wezulu, lumemeza ngezwi elikhulu, luthi: “Maye, maye, maye kulabo abakhileyo emhlabeni, lapho sekukhala amacilongo asasele, njengoba izingelosi ezintathu zizakuwabetha!” |
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible Society of South Africa