Ngiyakuhlabelela kuwe Nkulunkulu isihlabelelo esisha, ngogubhu olunezintambo ezilishumi, ngiyakukuhubela.
IsAmbulo 5:9 - IsiZulu 2020 Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe, Baasraak Zulu New Testament Bible Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe; Contemporary Zulu Bible 2024 Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe; |
Ngiyakuhlabelela kuwe Nkulunkulu isihlabelelo esisha, ngogubhu olunezintambo ezilishumi, ngiyakukuhubela.
Haleluya! Hubelani uSimakade ihubo elisha, izibongo zakhe, emhlanganweni wabathembekileyo.
Wabeka iculo elisha emlonyeni wami, ihubo lokudumisa uNkulunkulu wami, abaningi bayokubona lokho, besabe, bese bethembela kuSimakade.
Hubelani uSimakade ihubo elisha, ngokuba wenze izimangaliso, esokunene sakhe nengalo yakhe engcwele kumzuzele ukunqoba.
Mhubeleni uSimakade ihubo elisha, indumiso yakhe kusukela emikhawulweni yomhlaba, nina enehlela olwandle nakho konke okukulo, nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.
Kwase kumemeza ngamandla ohlaba umkhosi, wathi: “We nina bantu nezizwe, nabezilimi ezehlukene, niyayalwa
UNebukhadinezari inkosi, kubo bonke abantu, izizwe, nezilimi ezakhe emhlabeni wonke: ukuthula makwande kini.
Kepha ngenxa yobukhulu amnika bona, bonke abantu, izizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; kwathi athanda ukumbulala wambulala, athanda ukumyeka wamyeka; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa.
UDariyu inkosi wayeselobela bonke abantu, izizwe, nezilimi ezikhona emhlabeni wonke wathi: “Ukuthula makwande kini.
njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”
ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi ukuze kuthethelelwe izono.
Ziqapheleni nina nawo wonke umhlambi uMoya oNgcwele anibeke kuwo ukuba nibe ngabaphathi abelusa ibandla likaNkulunkulu azithengela lona ngegazi lakhe.
Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mngcweliseni uNkulunkulu emizimbeni yenu.
esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kweziphambeko ngokwengcebo yomusa wakhe,
niphendulane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya, nicule niyihubele iNkosi enhliziyweni yenu,
uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe, nigxilile, futhi ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Phawula.
owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.
Kepha kwakukhona nabaphrofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba naphakathi kwenu kuzokuba khona abafundisi bamanga abazongenisa ngesinyenyela izimfundiso ezidukisayo nezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bazilethele ukubhujiswa okusheshayo.
Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu Yena esekukhanyeni; sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.
Yena uyinhlawulo ngenxa yezono zethu, kungezona nje ezethu kuphela, kodwa nangenxa yezezwe lonke.
Zase zithi kimi: “Kufanele ukuba uphrofethe futhi ngabantu abaningi, izizwe, izilimi, namakhosi.”
Abanye kubantu, imindeni, izilimi, nabezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nengxenye, bengavumi ukuba izidumbu zabo zingcwatshwe.
Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe. Sanikwa futhi igunya phezu kwemindeni yonke, abantu, izilimi, nezizwe.
Bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, bonke abamagama abo engalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu elahlatshwayo, selokhu kwasekelwa umhlaba.
Ngabona futhi enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli eliphakade, eyakulishumayela kulabo abahleli emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, imindeni, izilimi nabantu.
Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.
Yayisithi kimi: “Amazwi owabonileyo lapho bekuhleli khona isifebe, ngabantu, izixuku, izizwe nezilimi.
“Ufanele Wena Nkosi noNkulunkulu wethu ukwemukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wadala izinto zonke, futhi zonke zikhona, zadalwa, ngokuthanda kwakho.”
zithi ngezwi elikhulu: “Ifanele iMvana eyahlatshwa ukwemukela amandla, ingcebo, ukuhlakanipha, ukunqoba, udumo, inkazimulo, nesibusiso.”
Ngabona phakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine naphakathi kwamalunga kumi iMvana kungathi ihlatshiwe, inezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke.