UDaniyeli 4:1 - IsiZulu 20201 UNebukhadinezari inkosi, kubo bonke abantu, izizwe, nezilimi ezakhe emhlabeni wonke: ukuthula makwande kini. Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE1 UNebukadinesari inkosi kubo bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezakhe emhlabeni wonke: ukuthula makuvame kinina. Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 20241 Inkosi uNebukadinesari kubo bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezihlezi emhlabeni wonke; Ukuthula kwandiselwa kini. Uka jalj uñjjattʼäta |
Kuthe ngosuku lwe-13 ngenyanga yokuqala, kwabizwa bonke onobhala benkosi. UHamani wabayala ukuba babhale konke ayebatshela khona, bakuhumushele kuzo zonke izilimi, ezincwadini eziya kuzo zonke izifundazwe, bese bekuthumelela iziphathimandla zenkosi, nababusi, nabaholi babantu, nakuzo zonke izifundazwe; kwabhalwa egameni lenkosi u-Ahasheveroshi, kwasicilelwa ngendandatho yayo.
Ngaleso sikhathi kwase kubizwa ababhali benkosi. Kwakuwusuku lwama-23, ngenyanga yesithathu ebizwa ngokuthi uShivani. Bayalwa ukuba babhale noma yini uMoridekhayi abayala ukuba bayibhalele abaJuda ababesembusweni ka-Ahasheveroshi, neziphathimandla, nababusi, nezikhulu ezazikuzo zonke izifundazwe eziyi-127, kusuka eNdiya kuya eKhushe. Izincwadi bazibhala ngolimi lwaleso naleso sizwe, ngokwehlukana kwazo, nangokubhala kwazo, nakubaJuda, ngokubhala kwabo nangolimi lwabo.