Ngaleso sikhathi kwase kubizwa ababhali benkosi. Kwakuwusuku lwama-23, ngenyanga yesithathu ebizwa ngokuthi uShivani. Bayalwa ukuba babhale noma yini uMoridekhayi abayala ukuba bayibhalele abaJuda ababesembusweni ka-Ahasheveroshi, neziphathimandla, nababusi, nezikhulu ezazikuzo zonke izifundazwe eziyi-127, kusuka eNdiya kuya eKhushe. Izincwadi bazibhala ngolimi lwaleso naleso sizwe, ngokwehlukana kwazo, nangokubhala kwazo, nakubaJuda, ngokubhala kwabo nangolimi lwabo.