Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 3:4 - IsiZulu 2020

4 Kwase kumemeza ngamandla ohlaba umkhosi, wathi: “We nina bantu nezizwe, nabezilimi ezehlukene, niyayalwa

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kwase kumemeza ummemezeli ngamandla, wathi: “We nina bantu nezizwe, nezilimi, niyayalwa

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kwase kumemeza ummemezeli, wathi: “Kuyaliwe nina bantu, nezizwe, nezilimi!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 3:4
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngaleso sikhathi kwase kubizwa ababhali benkosi. Kwakuwusuku lwama-23, ngenyanga yesithathu ebizwa ngokuthi uShivani. Bayalwa ukuba babhale noma yini uMoridekhayi abayala ukuba bayibhalele abaJuda ababesembusweni ka-Ahasheveroshi, neziphathimandla, nababusi, nezikhulu ezazikuzo zonke izifundazwe eziyi-127, kusuka eNdiya kuya eKhushe. Izincwadi bazibhala ngolimi lwaleso naleso sizwe, ngokwehlukana kwazo, nangokubhala kwazo, nakubaJuda, ngokubhala kwabo nangolimi lwabo.


Khuphukela entabeni ephakemeyo, wena Ziyoni, ophethe izindaba ezinhle. Phakamisa izwi lakho ngamandla, Jerusalema ophethe izindaba ezinhle; liphakamise ungesabi, yisho emizini yakwaJuda, uthi: “Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.”


“Memeza, ungazibambi, liphakamise izwi lakho njengecilongo, batshele abantu bami iziphambeko zabo, nendlu kaJakobe izono zayo.


Wena nkosi ukhiphe isimemezelo sokuthi bonke abantu abezwa ukukhala kwecilongo, igekle, ihabhu, umqangala, ugubhu, igemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwayo bawe phansi, bakhuleke esithombeni segolide,


Khona izikhulu, ababusi, izinduna, abehluleli, abaphathizikhwama, abomkhandlu, abameli, nabo bonke abaphathizifunda baqoqelwa ukwehlukaniselwa kwesithombe uNebukhadinezari, inkosi, abesimisile; bama phambi kwesithombe uNebukhadinezari asimisileyo.


Ngalokho lapho abantu bezwa ukukhala kwecilongo, igekle, ihabhu, umqangala, nogubhu, nazo zonke izinhlobo zokubethwayo; bonke abantu, izizwe, nezilimi bawa phansi, bakhuleka esithombeni segolide asimisileyo uNebukhadinezari, inkosi.


UNebukhadinezari inkosi, kubo bonke abantu, izizwe, nezilimi ezakhe emhlabeni wonke: ukuthula makwande kini.


Wamemeza kakhulu, esho kanje, ethi: ‘Gawula isihlahla, unqume amagatsha aso, uvuthulule amaqabunga aso, uhlakaze izithelo zaso. Izilwane mazisuke phansi kwaso, nezinyoni emagatsheni aso.


UDariyu inkosi wayeselobela bonke abantu, izizwe, nezilimi ezikhona emhlabeni wonke wathi: “Ukuthula makwande kini.


U-Efrayimi ucindezelwe, uchotshoziwe ngokwehlulelwa, ngokuba wazimisela ukulandela umyalo oyize.


Izimiso zika-Omri ziyalandelwa, nayo yonke imisebenzi yendlu ka-Ahabi nihambe ngayo, ngokwamacebo abo, ngalokho-ke ngiyakunenza incithakalo, nezakhamuzi into enximfelwayo, niyakuthwala ihlazo labantu bami.”


Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka