Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 6:25 - IsiZulu 2020

25 UDariyu inkosi wayeselobela bonke abantu, izizwe, nezilimi ezikhona emhlabeni wonke wathi: “Ukuthula makwande kini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UDariyu inkosi wayeselobela bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezikhona emhlabeni wonke ukuthi: “Ukuthula makwande kinina.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

25 UDariyu inkosi wayeselobela bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezikhona emhlabeni wonke; Ukuthula kuphindaphindwe kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 6:25
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yathumela le mpendulo: “KuRehumi, umbusi waseShimishayi, nonobhala nabangani babo abahlala eSamariya, nabo bonke abasentshonalanga yeYufrathe, ngiyanibingelela.


Kuthe ngosuku lwe-13 ngenyanga yokuqala, kwabizwa bonke onobhala benkosi. UHamani wabayala ukuba babhale konke ayebatshela khona, bakuhumushele kuzo zonke izilimi, ezincwadini eziya kuzo zonke izifundazwe, bese bekuthumelela iziphathimandla zenkosi, nababusi, nabaholi babantu, nakuzo zonke izifundazwe; kwabhalwa egameni lenkosi u-Ahasheveroshi, kwasicilelwa ngendandatho yayo.


Base bemphanyeka esigxotsheni sokuphanyeka, uHamani ayekade esilungiselele uMoridekhayi. Yayisibohla intukuthelo enkosini.


Ngaleso sikhathi kwase kubizwa ababhali benkosi. Kwakuwusuku lwama-23, ngenyanga yesithathu ebizwa ngokuthi uShivani. Bayalwa ukuba babhale noma yini uMoridekhayi abayala ukuba bayibhalele abaJuda ababesembusweni ka-Ahasheveroshi, neziphathimandla, nababusi, nezikhulu ezazikuzo zonke izifundazwe eziyi-127, kusuka eNdiya kuya eKhushe. Izincwadi bazibhala ngolimi lwaleso naleso sizwe, ngokwehlukana kwazo, nangokubhala kwazo, nakubaJuda, ngokubhala kwabo nangolimi lwabo.


Umba umgodi, usewumbile; ukhalakathela emgodini abewumbile.


USimakade uzibonakalisile, wenzile ukwehlulela ngezandla zakhe, ngokucekela phansi ababi. Sela


Olungileyo uyakhululwa osizini, kodwa esikhundleni sakhe kungena isikhohlakali.


Kwase kumemeza ngamandla ohlaba umkhosi, wathi: “We nina bantu nezizwe, nabezilimi ezehlukene, niyayalwa


UNebukhadinezari inkosi, kubo bonke abantu, izizwe, nezilimi ezakhe emhlabeni wonke: ukuthula makwande kini.


uyokwenza kuye lokho abehlose ukukwenza kumuntu wezwe lakubo; uyobususa kanjalo ububi phakathi kwenu.


abakhethiweyo, ngokwazi phambilini kukaNkulunkulu uYise, ngokungcwelisa kukaMoya ukuze balalele futhi bafafazwe ngegazi likaJesu Khristu. Sengathi umusa nokuthula kungandiswa kini.


sengathi umusa nokuthula kungandiswa kini ngokumazi uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu.


Umusa nothando nokuthula makuphindwaphindwe kini.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka