Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 6:26 - IsiZulu 2020

26 “Ngibeka umthetho wokuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, “ngokuba unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade. Umbuso wakhe yiwo ongayikubhujiswa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 “Ngenza isiyalezo ukuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, ngokuba “unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade, nombuso wakhe yiwo ongayikuchithwa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube sekupheleni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Ngikhipha umyalo wokuba abantu kuyo yonke imibuso yombuso wami bathuthumele futhi besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, ngoba unguNkulunkulu ophilayo nogxilile kuze kube phakade, nombuso wakhe ongayikuchithwa, nokubusa kwakhe kuyolingana. Kuze kube sekupheleni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 6:26
39 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Noma ngubani phakathi kwabo bonke abangabantu bakhe, sengathi uNkulunkulu wakhe angaba naye, makakhuphukele eJerusalema, kwaJuda, ayokwakha kabusha indlu kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, unguNkulunkulu oseJerusulema.


“Mina Arithashashitha, inkosi, ngiyala bonke abagcinimafa abasesifundanzweni entshonalanga yeYufrathe ukuba noma yini ayoyifuna kini u-Ezra, umphristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wasezulwini, yenziwe ngokucophelela okukhulu,


Umzimba wami uyathuthumela ngenxa yokukwesaba, ngiyazesaba izehlulelo zakho.


USimakade ubusa kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, wena Ziyoni, izizukulwane ngezizukulwane. Haleluya!


Khonzani uSimakade ngokwesaba, nithokoze ngokuthuthumela.


USimakade uhleli phezu kwezikhukhula, uSimakade uyiNkosi, ubusa kuze kube phakade.


Umphefumulo wami womele uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo, ngiyakufika nini ngibonakale phambi kukaNkulunkulu na?


Zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, ngakho-ke konke lokhu kwavela ngezwi lami,” kusho uSimakade. “Ngiyakubheka kulowo othobekile, nodabukileyo emoyeni, othuthumelayo ngenxa yezwi lami.


Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.


Kepha uSimakade unguNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu ophilayo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe, umhlaba uyazamazama; izizwe azinakumelana nolaka lwakhe.


“Ezinsukwini zalawo makhosi, uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa, nobukhosi bawo obungeke bushiyelwe abanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


Ngalokho ngikhipha isimemezelo sokuba bonke abantu, izizwe, izilimi ezikhuluma okungafanele ngoNkulunkulu woShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego ziyakuhlahlelwa, izindlu zazo zenziwe incithakalo, ngokuba akekho omunye unkulunkulu ongasindisa ngale ndlela.”


Maye, zinkulu kangakanani izibonakaliso zakhe! Maye, zinamandla izimangaliso zakhe! Umbuso wakhe ngumbuso ongunaphakade, nokubusa kwakhe kungokwezizukulwane ngezizukulwane.


Ngasekugcineni kwezinsuku mina, Nebukhadinezari ngaphakamisela amehlo ami ezulwini, nomqondo wami wabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade. Ngokuba ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade, nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;


Kwathi lapho inkosi isisondele kuwo kuDaniyeli, yamemeza ngezwi elinosizi; yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Daniyeli, nceku kaNkulunkulu ophilayo, ngabe uNkulunkulu wakho omkhonza njalo ukwazile yini ukukuhlenga ezingonyameni na?”


Wanikwa ukubusa, ubukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, izizwe, nezilimi bamkhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayukuphela, nombuso wakhe yiwo ongayukubhujiswa.


Umbuso, ukubusa, nobukhulu bemibuso phansi kwalo lonke izulu kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke. Umbuso wakhe kuyakuba ngumbuso ongunaphakade; yonke imibuso iyakumkhonza, imlalele.’


“Kepha abantu bakwa-Israyeli bayakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa nakubalwa. Lapho bekuthiwa khona kubo: ‘Aniseyibo abantu bami,’ kuyakuthiwa kubo: ‘Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo.’


“Ngokuba Mina Simakade angiguquki, nani madodana kaJakobe anikapheli nya.


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


uyakubusa phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyukuphela.”


Kepha-ke ngizakunitshengisa okufanele nimesabe. Mesabeni lo othi esebulele, abuye abe namandla okuphonsa esihogweni. Impela, ngithi kini: mesabeni lowo.


futhi akakhonzwa ngezandla zabantu, kube sengathi udinga utho oluthile. NguYena obapha ukuphila nokuphefumula nakho konke.


Lokhu kuyokwenzeka endaweni lapho kwathiwa kubo: ‘Anisibo abantu bami,’ lapho bayakubizwa ngokuthi: ‘Abantwana bakaNkulunkulu ophilayo.’ ”


ngokuba ngubani kubantu owake wezwa izwi likaNkulunkulu ophilayo njengathi, likhuluma livela emlilweni, waphila, na?


Ngokuba bona luqobo babika ngathi ukuthi nasemukela kanjani, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu nashiya izithombe, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo noweqiniso;


ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


amalunga angama-24 awe phansi, athi mbo ngobuso phansi, phambi kwakhe ohleli esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade, aphonse imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi:


Nezidalwa ezine, zathi: “Amen,” namalunga awa phansi athi mbo, akhuleka.


UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Uyokwenzelwani umuntu oyobulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli na? Ungubani nje lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise kanje impi kaNkulunkulu ophilayo?”


Inceku yakho yehlula ingonyama nebhele, nalo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yalokho, ngokuba weyise impi kaNkulunkulu ophilayo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka