Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsAmbulo 16:4 - IsiZulu 2020

Eyesithathu yathululela isitsha sayo emifuleni nasemithonjeni yamanzi, kwase kuphenduka igazi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Neyesithathu yathululela isitsha sayo emifuleni nasemithonjeni yamanzi, kwase kuba yigazi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Eyesithathu yathululela isitsha sayo emifuleni nasemithonjeni yamanzi; zaba ligazi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Eyesithathu yathululela isitsha sayo emifuleni nasemithonjeni yamanzi; zaba ligazi.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsAmbulo 16:4
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Waphendula imifula yabo yaba yigazi, ukuze bangakwazi ukuphuza emithonjeni yabo.


USimakade wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni uthi: ‘Yelula isandla ophethe ngaso induku, uselulele phezu kwemithombo, imifula, namachibi, ukhiphele eGibhithe amasele.’ ”


Yini eyenza kungabi bikho muntu lapho ngifika na? Kungani kungasabelanga muntu nalapho nginibiza na? Ngabe isandla sami sifinyeziwe yini ukuba singahlengi na? Noma angisenamandla okukhulula na? Ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle, ngenze imifula ibe yihlane, izinhlanzi zayo zinuke; ngokuba engekho amanzi, ziyofa zibulawa wukoma.


Ngiyakugcwalisa izintaba zayo ngababuleweyo bayo, abagwazwe ngenkemba bayakuwela emagqumeni akho, ezigodini zakho, nakuyo yonke imifula yakho.


“Noma angaba yindodana enempumelelo kubafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaSimakade ovela ehlane; umthombo wakhe uyakuba namahloni, isiphethu sakhe sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, nazo zonke izinto eziyigugu.


Laba banamandla okuvala izulu ukuba lingani ngezinsuku lapho bephrofetha, futhi banamandla phezu kwamanzi ukuba bawaphendule igazi, nokushaya umhlaba ngezinhlupheko eziningi, noma nini lapho bethanda ukwenzenjalo.


Yasho ngezwi elikhulu, ithi: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike udumo, ngokuba ihora lokwehlulela kwakhe selifikile. Mkhonzeni lowo owadala izulu, umhlaba ulwandle, nemithombo yamanzi.”


Ngezwa ingelosi yamanzi, ithi: “Ulungile Wena okhona nowawukhona, oNgcwele, ngokuba nguwe owakunquma lokho,