Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Hoseya 2:16 - IsiZulu 2020

“Kuyakuthi ngalolo lusuku ungibize uthi: ‘Myeni wami,’ ungaphinde ungibize futhi ngokuthi: ‘Bhali wami,’ kusho uSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova, “ungibize ngokuthi: ‘YiNdoda yami,’ ungasangibizi ngokuthi: ‘NguBali wami.’

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

“Ngalolo suku,” usho uJehova, “niyakungibiza ngokuthi, Ishi; awusayikungibiza ngokuthi nguBali.

Uka jalj uñjjattʼäta



Hoseya 2:16
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayethathekile nguDina, indodakazi kaJakobe, futhi emthanda, wakhuluma naye wathulula inhliziyo yakhe kuye.


Liqungeni isibindi iJerusalema, nimemezele kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile, nobubi balo buhlanguliwe, ngokuba lamukele kuSimakade isijeziso ngokuphindiwe ngenxa yazo zonke izono zalo.


Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguSimakade Wamabandla, igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli onguMhlengi wakho, obizwa ngokuthi nguNkulunkulu womhlaba wonke.


“Buyani, bantu abahlubukayo,” kusho uSimakade. “Ngokuba ngiyiNkosi yenu, ngizothatha abe munye emzini, babe babili emndenini, nginiyise eZiyoni.


Ngiyakuniyisa ehlane labantu, nginehlulele lapho sibhekene ubuso nobuso.


Uyakulandela izithandwa zakhe, kodwa akayukuzifica, uyakuzifuna kepha akayukuzifumana, bese ethi: “Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni yami yokuqala, ngokuba kwakukuhle kimi ngalezo zinsuku kunamanje.”


Lowo onomakoti, ungumyeni; kepha umngani omise umyeni uyathokoza lapho ezwa izwi lomyeni. Ngakho-ke ukuthokoza kwami sekuphelelisiwe.


Ngokuba nginomona ngani, umona kaNkulunkulu, lokhu nganendisela endodeni eyodwa ukuze nginiyise kuKhristu niyintombi emsulwa.


Masithokoze, sethabe, futhi simnike udumo, ngokuba umshado weWundlu ufikile, nomakoti walo uzilungiselele.


Umyeni waso wasuka, wasilandela ukuze akhulume naso, asibuyise. Wayehamba nenceku yakhe, nezimbongolo ezimbalwa; samngenisa endlini kayise, lapho umukhwe wakhe embona, wathokoza ukuhlangana naye.


URuthi wayesethi: “Ungiphathe kahle mnumzane, wangiduduza ngokukhuluma kahle nami, nakuba ngingeyena omunye wezincekukazi zakho.”