Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 34:3 - IsiZulu 2020

3 Wayethathekile nguDina, indodakazi kaJakobe, futhi emthanda, wakhuluma naye wathulula inhliziyo yakhe kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Inhliziyo yakhe yabambelela kuDina indodakazi kaJakobe, wayithanda intombi, wakhuluma kuyo inhliziyo yentombi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Umphefumulo wakhe wanamathela kuDina indodakazi kaJakobe, wayithanda intombazane, wakhuluma kahle kuyo intombazane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 34:3
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UShekhemu, indodana kaHamori, umHivi, owayebusa kulelo lizwe, wambona wamthatha, wamona, wamthela ngehlazo.


UShekhemu wakhuluma noyise uHamori, wathi: “Ngithathele le ntombi ibe ngumkami.”


Ngakho-ke ningesabi, ngizoninakekela nina nabantwana benu.” Wabaduduza ngokukhuluma nabo kanjalo.


Ngakho-ke sukuma, uphume manje uyokhuluma kahle ezincekwini zakho, ngokuba ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade ngithi, uma ungaphumi, akukho muntu ozosala ngakuwe ngalobu busuku. Lokhu kuzokuba kubi kuwe, kwedlule konke okubi osekwake kwakwehlela kusukela ebusheni bakho kuze kube namuhla.”


UHezekiya wakhuluma kahle kubo bonke abaLevi ababebonakalisa ukuthi bayayiqonda inkonzo kaSimakade. Badla-ke iminikelo yomkhosi izinsuku eziyisikhombisa, benikela ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula, bembonga uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


Liqungeni isibindi iJerusalema, nimemezele kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile, nobubi balo buhlanguliwe, ngokuba lamukele kuSimakade isijeziso ngokuphindiwe ngenxa yazo zonke izono zalo.


“Ngakho-ke bhekani, ngiyakumyenga, ngimholele ehlane, ngikhulume enhliziyweni yakhe.


“Kuyakuthi ngalolo lusuku ungibize uthi: ‘Myeni wami,’ ungaphinde ungibize futhi ngokuthi: ‘Bhali wami,’ kusho uSimakade.


Umyeni waso wasuka, wasilandela ukuze akhulume naso, asibuyise. Wayehamba nenceku yakhe, nezimbongolo ezimbalwa; samngenisa endlini kayise, lapho umukhwe wakhe embona, wathokoza ukuhlangana naye.


Baphinda badazuluka bakhala; u-Orpha wamanga uninazala, kodwa uRuthi wanamathela kuye.


Kwathi eseqedile ukukhuluma noSawule, inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide. UJonathani wamthanda njengoba ezithanda yena.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka