Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 2:15 - IsiZulu 2020

15 Kulapho-ke ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi i-Akhori sibe ngumnyango wethemba. Uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe, nanjengosuku lokukhuphuka kwakhe eGibhithe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Lapho ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi sase-Akori* sibe ngumnyango wethemba; uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe nasosukwini lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngiyakumnika khona izivini zakhe nesigodi sase-Akori njengomnyango wethemba; iyohlabelela lapho njengasezinsukwini zobusha bayo nanjengasosukwini lokukhuphuka kwayo iphuma ezweni laseGibithe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 2:15
33 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi uma ebona kulula kuye ukulandela izono ezazenziwa nguJerobhowamu, indodana kaNebhathi, wathatha uJezebheli, indodakazi ka-Ethibhali, inkosi yaseSidoni, waba ngumkakhe. Wahamba wayokhonza uBhali, wakhuleka kuye.


Base bewakholwa amazwi akhe, bahlabelela ngodumo lwakhe.


Bangihluphe kakhulu, kusukela ebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli.


ISharoni liyakuba yidlelo lezimvu, nesigodi i-Akhori sibe yindawo yokubuthisa izinkomo kubantu bami.


Bayokwakha izindlu, bahlale kuzo, batshale izivini, badle izithelo zazo.


Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Hamba ukhulume lizwa lonke iJerusalema, uthi:


“ ‘Usho kanje uSimakade, ngiyakukhumbula umusa wobusha bakho, uthando lwakho njengomakoti, nokuthi wangilandela kanjani ehlane, ezweni okungatshalwanga lutho kulo.


Ngokuba Mina ngiyawazi amacebo enginawo ngani,” kusho uSimakade, “amacebo okuba nibe nenhlalakahle, hhayi awokunilimaza, awokuninika ikusasa nethemba.


Awungibizile yini khona manje, uthi kimi: ‘Baba, Wena ungumngani wobusha bami,’ na?


Ngokuba uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, usho kanje, uthi: kuleli lizwe kuyakubuye kuthengwe izindlu, amasimu nezivini.’


Noma kunjalo ngisazoqhubeka ngibe nethemba, uma ngicabanga ngoSimakade.


Kuzo zonke izinengiso owazenza, nobufebe bakho, awuzikhumbulanga izinsuku zobusha bakho, ngesikhathi wawunqunu, uhamba ze, ungqashangqasha egazini lakho.


Kepha Mina ngiyakusikhumbula isivumelwano sami nawe, sasemihleni yobusha bakho, bese ngikumisela isivumelwano saphakade.


“ ‘ “Ngesikhathi ngiphinda ngidlula ngakuwe, ngakubuka; ngabona ukuthi usukhulile, usungathanda. Ngase ngendlala isembatho sami phezu kwakho, ngafihla ubunqunu bakho, yebo, ngafunga kuwe, ngenza nawe isivumelwano,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade, waba ngowami.


“ ‘ “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: kuyakuthi lapho sengibaqoqa abendlu yakwa-Israyeli ezizweni abahlakazelwe kuzo, ngizibonakalise ngingcwele kubo, nasemehlweni ezizwe. Bayakuhlala ezweni labo engalinika inceku yami, uJakobe.


Bahlale kulo belondekile, bakhe izindlu, batshale izivini, bahlale bevikelekile, ngesikhathi ngibehlulela bonke ababedelelayo ababazungeze nxazonke, bayakukwazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wabo.” ’ ”


“Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda; ngayibiza indodana yami ukuba iphume eGibhithe.


USimakade wakhuphula u-Israyeli eGibhithe ngomphrofethi, wamlondoloza ngomphrofethi.


Kepha Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho selokhu kwaba seGibhithe. Ngisazokwenza futhi uhlale emathendeni njengasezinsukwini zemikhosi enqunyiweyo.


Kepha Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho selokhu kwaba seGibhithe; awuyukumazi omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami, akekho futhi omunye uMsindisi ngaphandle kwami.


Ngiyakucekela phansi imivini yakhe nemikhiwane yakhe, athe ngakho: ‘Kuyinkokhelo yami ezinginike yona izithandwa zami;’ ngizokwenza kube yihlozi, izilwane zasendle zikudle.


Ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, bakhe kabusha imizi ebiyincithakalo, bahlale kuyo; bayakutshala izivini, baphuze iwayini lazo, balime izivande, badle izithelo zazo.


Buyelani enqabeni nina baboshiweyo abanethemba. Ngiyanitshela namhlanje ukuthi ngiyakunibuyisela okungokwenu ngokuphindwe kabili.


U-Israyeli wayesehlabelela leli culo elithi: “Mpompoza, mthombo! Hlabelelani ngawo!


Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, aklabe edlelweni.


Ekufikeni kwabo, baliqoqa ibandla, balilandisa ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo, nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa.


Bamisa phezu kwakhe inqwaba yamatshe, esekhona nanamuhla. USimakade wayesephenduka olakeni lwakhe oluvuthayo. Ngakho-ke igama laleyo ndawo labizwa ngokuthi yisigodi i-Akhori.


Abakwa-Israyeli abamkhumbulanga uSimakade uNkulunkulu wabo, owayebakhulule esandleni sazo zonke izitha zabo ezazibazungeze nxazonke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka