Hoseya 13:5 - IsiZulu 2020 Mina ngakwazi ehlane ezweni lesomiso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mina ngakwazi ehlane ezweni lokoma. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakwazi ehlane, ezweni elomileyo. |
Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyakubhujiswa.
Lapho umphefumulo wami udangala, Wena uyayazi indlela yami, endleleni engihamba ngayo, bangithukusele ugibe.
Ngizokwethaba ngijabule ngomusa wakho, ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami, wazinaka izinsizi zomphefumulo wami;
Nkulunkulu, Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna. Umphefumulo wami womele Wena, umzimba wami ulangazelela Wena, ezweni eligagadekileyo, lapho kungekho khona amanzi.
“ ‘Usho kanje uSimakade, ngiyakukhumbula umusa wobusha bakho, uthando lwakho njengomakoti, nokuthi wangilandela kanjani ehlane, ezweni okungatshalwanga lutho kulo.
Abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade owasikhuphula eGibhithe, wasihola ezweni eliyihlane nogwadule; izwe lemigodi, nesomiso, ezweni lethunzi lokufa, elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona na?’
“Mina, ngiyamazi u-Efrayimi, no-Israyeli akafihlekile kimi, ngokuba manje, wena Efrayimi uzifebele, u-Israyeli wazingcolisa.”
“Ngamthola u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona okhokho bakho njengolibo lomkhiwane emkhiwaneni lapho uqala. Kepha bafika eBhali Pheyori, bazinikela ehlazweni, baba ngokunengekayo njengalokho abakuthandayo.
Lokhu manje seniyamazi uNkulunkulu noma seniyaziwa nguNkulunkulu, kungani pho seniphindela ezintweni ezingelutho, senifuna futhi ukuba yizigqila zazo na?
“USimakade uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho. Ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu, nakule minyaka engama-40, uSimakade uNkulunkulu wakho ube nawe, aweswelanga lutho.
“Wamthola ezweni eliyihlane, nasoqwathuleni lomkhulungwane kwahlongasibi, wamzungeza, wamnakekela, wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.
wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nofezela nomhlabathi owomileyo, lapho kwakungekho manzi khona; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha.