Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 32:10 - IsiZulu 2020

10 “Wamthola ezweni eliyihlane, nasoqwathuleni lomkhulungwane kwahlongasibi, wamzungeza, wamnakekela, wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Wamfumana ezweni eliyihlane, nasoqwatheni lomkhulungwane kwahlongasibi, wamzungeza, wamnakekela, wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Wamfumana ezweni eliyihlane nasehlane eliklabalasayo; wamyisa nxazonke, wamyala, wamlondoloza njengenhlamvu yeso lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 32:10
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Waxoxela umkakhe nabo bonke abangani bakhe ngento eyayimehlele. Labo bangani bakhe abahlakaniphile nomkakhe, bathi kuye: “Njengoba uMoridekhayi engumJuda, ukuwa kwakho sekuqalile. Ngeke ukwazi ukumelana naye ubuso nobuso, impela uzokuqumba phansi.”


Izikhulu wazithela ngendelelo, wabazulazulisa ehlane kungenandlela.


Ngivikele njengenhlamvu yeso, ungifihle emthunzini wamaphiko akho,


Gcina imiyalelo yami, uphile, nemfundiso yami, njengenhlamvu yeso lakho.


Ngubani lo owenyukayo evela ehlane encike kothandiweyo wakhe na? Ngakuvusa phansi kwesihlahla samahhabhula, lapho unyoko wahelelwa khona; wasikwa waze wakuzala.


kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.


Njengalokhu indwangu yasokhalo inamathela okhalo lomuntu, kanjalo ngiyenze indlu yonke yakwa-Israyeli, nayo yonke indlu yakwaJuda ukuba zinamathele kimi,’ kusho uSimakade, ‘ukuba babe ngabantu bami, ngizenzele ngabo igama, nodumo, nendumiso, kodwa kabalalelanga.’


Akunguwe yini oziholele amanzi ngomsele, ngokushiya uSimakade uNkulunkulu wakho ngesikhathi ekuhola endleleni na?


Abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade owasikhuphula eGibhithe, wasihola ezweni eliyihlane nogwadule; izwe lemigodi, nesomiso, ezweni lethunzi lokufa, elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona na?’


Akukho liso elakubheka lakuhawukela ukuba wenzelwe okukodwa kwalokho, ukhonjiswe ububele, kodwa walahlwa endle, ngokuba wanengeka ngosuku owazalwa ngalo.


Njengalokhu ngehlulelana nokhokho benu ehlane eGibhithe, ngiyakwehlulelana nani kanjalo-ke,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Kepha yiMina engacathulisa u-Efrayimi; ngabagona ngezingalo zami, kodwa abazanga ukuthi ngabaphulukisa.


Mina ngakwazi ehlane ezweni lesomiso.


USimakade uyakudla uJuda abe yifa lakhe, nesabelo sakhe ezweni elingcwele, abuye alikhethe iJerusalema.


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla ongithumile ukuyolanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaniphanga, ngokuba othinta nina usethinte inhlamvu yeso lakhe.


futhi uyazi intando, wemukela lezo zinto ezemukelekileyo; ungofundisiweyo emthethweni;


Yebo, kukhona abedlula ngakho ngezindlela eziningi. Okokuqala ngukuthi yibo abaphathiswa amazwi kaNkulunkulu.


“Sasuka eHorebhe, sadabula lelo hlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo endleleni ekwelezintaba lakwa-Amori, njengalokho uSimakade uNkulunkulu wethu ayesiyalile, saze safika eKadeshi Bharineya.


Nasehlane, nibonile ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wanithwala njengendoda igqogqoshe indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.’


Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wawezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka