Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 31:7 - IsiZulu 2020

7 Ngizokwethaba ngijabule ngomusa wakho, ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami, wazinaka izinsizi zomphefumulo wami;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngizakwethaba, ngijabule ngomusa wakho, ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami, wazinaka izinsizi zomphefumulo wami;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngiyakujabula, ngethabe ngomusa wakho, ngokuba ukubonile usizi lwami; Uwazi umphefumulo wami ekuhluphekeni;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 31:7
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ngakho-ke, Nkulunkulu wethu, Nkulunkulu omkhulu, onamandla nowesabekayo, uhlale usigcina njalo isivumelwano sakho somusa. Yonke le nkathazo esehlelayo mayingabi ncane ebusweni bakho, thina namakhosi ethu, nezikhulu zakithi, nabaphristi bakithi, nabaphrofethi, nawokhokho, nabo bonke abantu bakho, kusukela ezinsukwini zamakhosi ama-Asiriya kuze kube namuhla.


Ake ukhumbule ukuthi nguwe owangibumba njengobumba, pho uyakungibuyisela othulini na?


“Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma nginjengegolide.


Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyakubhujiswa.


Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.


Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule, ngokuba angiwukhohlwa umthetho wakho.


Kepha mina ngethembele emseni wakho, inhliziyo yami mayethabe ngensindiso yakho.


Lapho umphefumulo wami udangala, Wena uyayazi indlela yami, endleleni engihamba ngayo, bangithukusele ugibe.


Bheka ukuhlupheka kwami nosizi lwami, ungithethelele zonke izono zami.


Wena owasikhombisa izinhlupheko ezimbi eziningi, uyobuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.


Yiba nesihawu kimi, Simakade. Bona ukuhlupheka kwami abangilethela khona abangizondayo. Nguwe ongiphakamisa ngilengela egodini lokufa,


Sisuthise ngomusa wakho ekuseni, ukuze sithokoze, sijabule izinsuku zethu zonke.


Uma udabula emanzini, Mina ngiyokuba nawe, nemifula ayiyukukukhukhula; nalapho udabula emlilweni, awuyukusha; ilangabi aliyukukushisa.


Jabulani mazulu, uthokoze nawe mhlaba, qhumukani zintaba, nihube, ngokuba uSimakade ubaduduzile abantu bakhe, unozwelo kwabahluphekileyo bakhe.


Ngokuba Wena unguBaba, nakuba u-Abhrahama engasazi, no-Israyeli engasivumi, kodwa Wena Simakade unguBaba; igama lakho unguMhlengi wethu waphakade.


kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.


umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, izwi lalabo abathi: “ ‘ “Bongani uSimakade Wamabandla, ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade.” “ ‘Kuyozwakala nezwi labaletha iminikelo yokubonga endlini kaSimakade, ngokuba izwe ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwalo, liphinde libe njengakuqala,’ kusho uSimakade.


aze abheke uSimakade, abone esezulwini.


Khumbula Simakade, okusehleleyo! Bheka, ubone ihlazo lethu!


Kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, lowo-ke uyaziwa nguye.


Lokhu manje seniyamazi uNkulunkulu noma seniyaziwa nguNkulunkulu, kungani pho seniphindela ezintweni ezingelutho, senifuna futhi ukuba yizigqila zazo na?


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu oluthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKhristu makadede kukho ukungalungi.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka