UJowashi walaliswa kokhokho bakhe; uJerobhowamu wahlala esihlalweni sakhe sobukhosi; uJowashi wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli.
Hoseya 1:1 - IsiZulu 2020 Izwi likaSimakade elafika kuHoziya indodana kaBheri ezinsukwini zokubusa kuka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izwi likaJehova elafika kuHoseya indodana kaBeri ezinsukwini zawo-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 Izwi likaJehova elafika kuHosheya indodana kaBeri emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli. |
UJowashi walaliswa kokhokho bakhe; uJerobhowamu wahlala esihlalweni sakhe sobukhosi; uJowashi wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli.
UJehowashi walaliswa kokhokho bakhe, wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli; uJerobhowamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Ngonyaka we-15 wokubusa kuka-Amaziya, indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJerobhowamu, indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya; wabusa iminyaka engama-41.
Ngonyaka wesibili wokubusa kukaPheka, indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, uJothamu, indodana ka-Uziya, waba yinkosi yakwaJuda.
USimakade wayishaya ngesifo sochoko inkosi kwaze kwaba sekukhothameni kwayo; yayihlala endlini eqhelile kwezinye. UJothamu, indodana yenkosi, wayengamele umuzi, ehlulela abantu bezwe.
U-Azariya walaliswa kokhokho bakhe, bammbela kokhokho bakhe emzini kaDavide. UJothamu, indodana ka-Azariya, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
UJothamu wayeneminyaka engama-25 ngesikhathi eba yinkosi. Wabusa iminyaka eli-16 eJerusalema. Igama likanina kwakunguJerusha, indodakazi kaZadoki.
U-Ahazi wayeneminyaka engama-20 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka eli-16 eJerusalema. Akazange enze okuhle phambi kukaSimakade, njengoDavide ukhokho wakhe,
Umbono ka-Izaya, indodana ka-Amozi, awubona maqondana noJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya; amakhosi akwaJuda.
Kwathi ngezinsuku zika-Ahazi, indodana kaJothamu ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uRezini, inkosi yase-Aramu benoPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphuka bayokulwa neJerusalema, kodwa abakwazanga ukulinqoba.
Izwi likaSimakade lafika kuye ezinsukwini zikaJosiya, indodana ka-Amoni inkosi yakwaJuda, ngonyaka we-13 wokubusa kwakhe.
kwafika izwi likaSimakade kuHezekeli umphristi, indodana kaBhuzi, ezweni lamaKhaledi, ngasemfuleni iKhebhari. Isandla sikaSimakade sasiphezu kwakhe khona lapho.
Amazwi ka-Amose owayengomunye wabelusi bezimvu edabuka eThekhowa, aqondene nalokho akubonayo ngo-Israyeli ezinsukwini zika-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, eminyakeni emibili ngaphambi kokuzamama komhlaba.
Izwi likaSimakade lafika kuMikha waseMoreshethi ezinsukwini zokubusa kukaJothamu, u-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda liqondene neSamariya neJerusalema.
Ngenyanga yesishiyagalombili, ngonyaka wesibili, wokubusa kukaDariyu, izwi likaSimakade lafika kuZakhariya indodana kaBherekhiya ka-Ido, umphrofethi, lathi:
Njengalokhu esho nakuHoziya ethi: “Ngiyakubiza abangesiso isizwe sami, ngokuthi yisizwe sami; nalowo ongathandiwe, ngokuthi uthandiwe;
Ngokuba akukho siphrofetho noma nini esake seza ngentando yomuntu, kodwa abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.