Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 1:1 - IsiZulu 2020

1 Izwi likaSimakade lafika kuMikha waseMoreshethi ezinsukwini zokubusa kukaJothamu, u-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda liqondene neSamariya neJerusalema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoresheti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, owalibona ngeSamariya neJerusalema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoreti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, alibona ngeSamariya neJerusalema.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 1:1
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngonyaka wesibili wokubusa kukaPheka, indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, uJothamu, indodana ka-Uziya, waba yinkosi yakwaJuda.


USimakade wayishaya ngesifo sochoko inkosi kwaze kwaba sekukhothameni kwayo; yayihlala endlini eqhelile kwezinye. UJothamu, indodana yenkosi, wayengamele umuzi, ehlulela abantu bezwe.


Ngonyaka we-17 wokubusa kukaPheka, indodana kaRemaliya, u-Ahazi, indodana kaJothamu, waba yinkosi kwaJuda.


Kwathi ngonyaka wesithathu wokubusa kukaHosheya, indodana ka-Ela, inkosi yakwa-Israyeli, uHezekiya, indodana ka-Ahazi, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi.


U-Ahazi wayeneminyaka engama-20 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka eli-16 eJerusalema. Akazange enze okuhle phambi kukaSimakade, njengoDavide ukhokho wakhe,


UHezekiya waba yinkosi eneminyaka engama-25, wabusa iminyaka engama-29 eJerusalema. Igama likanina kwakungu-Abhiya, indodakazi kaZakhariya.


Umbono ka-Izaya, indodana ka-Amozi, awubona maqondana noJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya; amakhosi akwaJuda.


Yizwani mazulu, ubeke indlebe we mhlaba, ngokuba uSimakade ukhuluma, uthi: “Ngikhulisile, ngondla abantwana, kodwa bangihlubukile.


Kwathi ngezinsuku zika-Ahazi, indodana kaJothamu ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uRezini, inkosi yase-Aramu benoPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphuka bayokulwa neJerusalema, kodwa abakwazanga ukulinqoba.


Inhloko yakwa-Efrayimi yiSamariya, inhloko yeSamariya yindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, impela aniyukuma.’ ”


“UMikha waseMoreshethi waphrofetha ezinsukwini zikaHezekiya, inkosi yakwaJuda, wakhuluma kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “ ‘IZiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.’


Izwi likaSimakade elafika kuHoziya indodana kaBheri ezinsukwini zokubusa kuka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.


“Nakuba wena Israyeli ufeba, uJuda makangabi nacala; ungayi eGiligali, ungakhuphukeli eBhethi Aveni, ungafungi ngokuphila kukaSimakade.


Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe nguMdali wakhe, wakhe izigodlo, uJuda wandisa imizi ebiyelweyo. Ngiyakuthumela umlilo emizini yakhe, ungqongqise izinqaba zakhe.”


Amazwi ka-Amose owayengomunye wabelusi bezimvu edabuka eThekhowa, aqondene nalokho akubonayo ngo-Israyeli ezinsukwini zika-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, eminyakeni emibili ngaphambi kokuzamama komhlaba.


Maye, kwabanethezekileyo eZiyoni, nabavikelekile entabeni eSamariya, izikhulu zesizwe esikhethekileyo, eya kubo indlu ka-Israyeli!


Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe, nangenxa yezono zendlu ka-Israyeli. Ngubani owaphambukisa uJakobe? Akusilo yini iSamariya na? Ngubani izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? Akusilo yini iJerusalema na?


Ake nizwe nina zinhloko zendlu kaJakobe, nani babusi bendlu ka-Israyeli, enenyanya ubulungiswa niphambanise konke okulungileyo;


Isiphrofetho esabonwa nguHabhakuki umphrofethi.


Ngokuba akukho siphrofetho noma nini esake seza ngentando yomuntu, kodwa abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka