Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 1:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Izwi likaJehova elafika kuHosheya indodana kaBeri emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izwi likaJehova elafika kuHoseya indodana kaBeri ezinsukwini zawo-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Izwi likaSimakade elafika kuHoziya indodana kaBheri ezinsukwini zokubusa kuka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 1:1
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJowashi wayeselala koyise; uJerobowamu wahlala esihlalweni sakhe sobukhosi, uJowashi wangcwatshwa namakhosi akwa-Israyeli eSamariya.


UJowashi wayeselala koyise, wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli; uJerobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Ngomnyaka weshumi nanhlanu ka-Amasiya indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wabusa eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amane nanye.


Ngomnyaka wesibili kaPheka indodana kaRemaliya inkosi yakoIsrayeli uJothamu indodana kaUziya inkosi yakoJuda waba yinkosi.


UJehova wayishaya inkosi, yaba onochoko kwaze kwaba lusuku lokufa kwayo, yahlala kwenye indlu. UJothamu, indodana yenkosi, wayephezu kwendlu, wahlulela abantu bezwe.


U-Azariya wayeselala koyise; bammbela koyise emzini kaDavide; uJothamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


UJothamu wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; Igama likanina lalinguJerusha, indodakazi kaSadoki.


U-Ahazi wayeneminyaka engamashumi amabili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; kepha akenzanga okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise.


Izinto ezingcwele zaziyizinkomo ezingamakhulu ayisithupha nezimvu eziyizinkulungwane ezintathu.


Umbono ka-Isaya, indodana ka-Amose, awubonayo ngoJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda.


Ezinsukwini zika-Ahazi indodana kaJothamu ka-Uziya inkosi yakwaJuda uResini inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya inkosi yakwa-Israyeli benyukela eJerusalema ukulwa nalo, kodwa akakwazanga ukukunqoba.


okwafika kuye izwi likaJehova ezinsukwini zikaJosiya, indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, ngomnyaka weshumi nantathu wokubusa kwakhe.


Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Izwi likaJehova lafika ngokuqondile kuHezekeli umpristi, indodana kaBusi, ezweni lamaKaledi ngasemfuleni iKhebari; isandla sikaJehova sasiphezu kwakhe lapho.


Izwi likaJehova elafika kuJoweli indodana kaPetuweli.


Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa awabona ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya inkosi yakwaJuda nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi inkosi yakwa-Israyeli iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.


Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi:


Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoreti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, alibona ngeSamariya neJerusalema.


Ngenyanga yesishiyagalombili, ngomnyaka wesibili kaDariyu, izwi likaJehova lafika kuZakariya, indodana kaBerekiya, indodana ka-Ido umprofethi, lathi:


Uma wababiza ngokuthi ngonkulunkulu, okwafika kubo izwi likaNkulunkulu, nombhalo ungeqiwe;


Njengokuba esho nakuHoseya ukuthi: “Abangesibo abantu bami ngiyakubabiza ngokuthi abantu bami; nothandiweyo wakhe, obengathandwa.


Ngokuba isiprofetho asifikanga endulo ngentando yomuntu, kepha abantu abangcwele bakaNkulunkulu bakhuluma beqhutshwa nguMoya oNgcwele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka