Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 1:2 - IsiZulu 2020

2 Lapho uSimakade eqala ukukhuluma ngoHoziya, wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bokuphingwa, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uSimakade.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Lapho uJehova eqala ukukhuluma ngoHoseya, uJehova wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bophingayo, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uJehova.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ukuqala kwezwi likaJehova ngoHoseya. UJehova wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele isifebe nabantwana besifebe, ngokuba izwe lifebe kakhulu ngokusuka kuJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 1:2
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

kodwa uhambe ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, waholela uJuda nabakhileyo eJerusalema ekuphingeni, njengalokhu kwenza indlu ka-Ahabi, wabuye wabulala abafowenu bendlu kayihlo ababebahle kunawe;


Ngenxa yezenzo zabo baba ngabangcolileyo, baphinga ngezenzo zabo.


Ngokuba abakude nawe bayakubhubha, uyabachitha bonke abahlubuka kuwe ngokuphinga.


“Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili: bangishiyile, Mina mthombo wamanzi aphilileyo; bazigubhela imithombokwakhiwa, imithombokwakhiwa evuzayo, engenakuwagcina amanzi.


“Ngokuba kwasemandulo walephula ijoka lakho, wagqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyukukhonza.’ Ngokuba kuwo wonke amagquma aphakemeyo, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, walala njengesifebe.


“Ungakusho kanjani ukuthi: ‘Angingcolile, angibalandelanga oBhali,’ na? Bheka ukuziphatha kwakho esigodini, ubone ukuthi wenzeni: uyikamela lensikazi elinejubane, elizulazula ezindleleni zalo,


Ngenxa yokuba wayengenamahloni ngokufeba kwakhe, walingcolisa izwe, ephinga namatshe nezihlahla.


Abasindileyo benu bayakungikhumbula besezizweni abathunjelwe kuzo, lapho ngifihliza izinhliziyo zabo eziphingayo, ezichezukile kimi, namehlo abo akhanukela izithombe zabo ukuze baphinge nazo, bayakuzenyanya bona uqobo ngenxa yezinto ezimbi abazenzileyo, nangazo zonke izinengiso zabo.


Uyakulandela izithandwa zakhe, kodwa akayukuzifica, uyakuzifuna kepha akayukuzifumana, bese ethi: “Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni yami yokuqala, ngokuba kwakukuhle kimi ngalezo zinsuku kunamanje.”


USimakade wathi kimi: “Hamba futhi, umthande owesifazane osethandwa ngomunye, nakuba ephingile. Mthande njengalokhu uSimakade ethanda abantu bakwa-Israyeli, noma sebephendukele kwabanye onkulunkulu, bathanda amakhekhe anamagilebhisi omisiwe.”


“Mina, ngiyamazi u-Efrayimi, no-Israyeli akafihlekile kimi, ngokuba manje, wena Efrayimi uzifebele, u-Israyeli wazingcolisa.”


Isiqalo sevangeli elimayelana noJesu Khristu, iNdodana kaNkulunkulu.


USimakade wathi kuMose: “Bheka, usuzoyolala noyihlomkhulu; laba bantu bayakusuka, bayophinga nonkulunkulu babezizwe abasezweni abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bayakungishiya, basaphule isivumelwano engisenze nabo.


Banamehlo agcwele ukulangazelela ukuphinga, futhi awakuyeki ukona. Bayenga ababuthakathaka, banenhliziyo eyejwayele ukuba nomhobholo, bangabantu abaqalekisiweyo.


ebunzini lakhe kulotshwe igama eliyimfihlakalo, elithi: IBHABHILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka